EzakamuvaIbhola

UMolefi Ntseki ubambe wayeka ebuzwa ngabamataniswa neChiefs

Sbongs Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki uvele wangena ezintangeni ngabadlali ababili okuthiwa leli qembu lisezinhlelweni zokubasayina. 

IKaizer Chiefs imataniswa nomdlali waseswini weBafana Bafana obedlala ePoland, uThabo Cele nomgadli waseMalawi uGabadinho Mhango waMaZulu FC.

Leli qembu kuthiwa seliifinyelele esivumelwaneni ngenkontileka yeminyaka emithathu noCele, osanda kushiya kwiRKS Radomiak Radom.

Ucasha ngesithupha nje uMolefi Ntseki, imenenja kaMhango, uMike Makaab, usand akukuveza ukuthi nguye onikeze iKaizer Chiefs ithuba lokusayina lo mdlali. 

UMakaab akakufihlanga ukuthi uMhango ubonakala engekho ezinhlelweni zomqeqeshi omusha woSuthu uPablo Martin

“Sesidlule ekhempini yokulungiselela isizini futhi besisebenza ngabadlali esinabo,” kusho uMolefi Ntseki kwabezindaba eNaturena ngoLwesithathu. 

“Uma kukhona abanye abadlali esisabafisa, lokho sekuwumthwalo wabaphathi ehhovisi, thiba lapha sisebenza ngesinabo.”

Uthe yena njengomqeqeshi uzosebenzisa abadlali asebesayiniwe, eqinisekise ukuthi bakulungele ukuqala kwesizini ngempelasonto.

“Sikhuthaza abadlali esinabo, sibafaka umfutho. Khona siyazi ukuthi baningi abanesifiso sokuza bazoba yingxenye yeKaizer Chiefs. 

“Futhi nathi sihlale siwavulile amehlo ukubona abadlali abasezingeni esingabathola bezoqinisa iqembu.”

Uphinde waveza ukuthi bajabule ngendlela abasebenze ngayo emakethe yize evuma ukuthi abakaphumi khona futhi uma bebathola ababadingayo bazobathenga. 

“Iwindi lisavuliwe kuze kube uSepthemba 1 futhi ngicabanga ukuthi sizodlala imidlalo engu-10 ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi. 

“Njengamanje sijabule ngeqembu esilihlanganisile futhi kusobala ukuthi uma kuzoba nesidingo sokuqinisa iqembu, sizokwenza lokho,” kuchaza uMolefi Ntseki. 

Uthe okwamanje kodwa usegxile ekunikeni abadlali anabo ithuba lokuthi bamkhombise ukuthi yini abangamenzela khona futhi ujabule ngabo. 

FUNDA NALA: Sekuphelile ukuqagela ngo-Aubass obehalelwa abaningi

“Njengoba kuqala isizini nje sibheke ukunika laba esinabo ithuba ngethemba lokuthi bazosisebenzela. Sizolokhu sibaqaphile. 

“Sinethemba lokuthi sizoqala kahle, sithole imiphumela emihle futhi laba esinabo badlale ngale ndlela esiyifisayo.”