EzakamuvaIBetway Premiership

IPirates yethule abadlali abasha abayisikhombisa

SIHLE NGUBO

I-Orlando Pirates seyethule abanye abadlali abayisikhombisa ezogadla ngabo ngesizini entsha yeBetway Premiership.

Leli qembu lisanda kumangaza abalandeli bebhola ngokusayinisa uSipho Mbule obebolekiswe yiMamelodi Sundowns kwiSekhukhune United.

Lo mdlali bekubhekwe ukuthi uzosayina kwiKaizer Chiefs kulandela ukuthi i-agent yakhe uMike Makaab ithe ‘imdayisela’ leli qembu laseNaturena.

IBucs iqinisekise ukuthi ngesizini ezayo izogadla ngoYanela Mbuthuma (23), uMasindi Nemtajela (23), uTshepang Moremi (24), uNkosikhona Ndaba (22), uSinoxolo Kwayiba (25), uTshepo Mashiloane (23) noSihle Nduli (29)

EZimnyama zisanda kwehlukana noThabiso Monyane noPaseka Mako okuvela ukuthi sebesayine kwiChiefs.

Akucaci ukuthi kwenzekani ngoMonnapule Saleng okuphele isizini engasabonwa nangokhalo ngisho ebhentshini lePirates.

IPirates kulindeleke ukuthi ivuselele inkontileka kaDeon Hotto ephelayo ekupheleni kukaJuni.

Akubhekiwe ukuthi leli qembu limdedele uHotto oshaya into ecokeme emuva kwesokunxele.

IBucs izovula isizini entsha ngokubhekana nePolokwane City emdlalweni weMTN8.

Leli qembu yilona elivikela le ndebe eliyithathe ngokwehlula iStellenbosch FC kowamanqamu ngesizini edlule.

Ngaphambi kokuqala isizini entsha iPirates izoya eSpain ukuyozilungiselela, idlale nemidlalo yobungani.