‘Sekoshiyana ukwenza,’ kufunga uNcikazi nge-Orlando Pirates
Njabulo Shezi
Iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi selidalule ukuthi kungani enethemba elikhulu ngempumelelo yaleli qembu kule sizini ka-2023/24 yeDStv Premiership.
I-Orlando Pirates yenze kahle ngesizini edlule njengoba inqobe izindebe ezimbili ngaphansi kobuholi bukaJose Riveiro.
Lezi zinkunzi zaseSoweto zidle isicoco seMTN8 neseNedbank Cup zaphinde zaqeda endaweni yesibili kilogi okuzifake kwiCafa Champions League.
Iliqinisile neqembu ngabadlali abasha njengoba ihlose ukufaka inselelo eqinile kuyo yonke imiqhudelwano ezoyidlala kule sizini.
Abasha kwi-Orlando Pirates oKatlego Otladisa, uMelusi Buthelezi, uSiphelo Baloni, uPatrick Maswanganyi, uLesedi Kapinga, uKarim Kimvuidi noSiphamandla Gumede.
Ngaphezu kwalokho, iPirates ivakashele eSpain la beyilungiselela khona isizini, futhi yadlala khona namaqembu amaningi ase-Europe.
Imidlalo yobungani ebise-Europe bekuhloswe ngayo ukusiza leli qembu ukuthi lijwayele ukudlala ezimeni ezahlukene ukuze lilungele inselelo yeChampions League.
IPirates izoqala isizini ngoMgqibelo njengoba izobhekana neStellenbosch FC, uNcikazi usevule isifuba ngakulindele kuleli qembu ngesizini entsha.
“Amalungiselelo (esizini entsha) ahambe kahle kakhulu. Sibe namaviki ayisithupha wonke ngaphambi kokuthi kuqale isizini…
“Ngokwamalungiselelo ebesinawo, singathanda ukuqala kahle. Sifuna ukuqoqa amaphuzu, futhi siyazi ukuthi sibhekene nezimbangi ezinzima.
“Bathenge abadlali abasha, kodwa sifuna ukulawula esingakwazi ukulawula. Kodwa nginethemba lokuthi sizilungiselele kanjani.”
IPirates bayo idedele abadlali abambalwa okngoGraig Martin, Ndumiso Mabena, Nkanyiso Zungu, Kopano Thuntsane noCollins Makgaka.
OTshegofatso Mabasa, Bongani Sam, Goodman Mosele nabanye kubolekiswe ngabo kwamanye amaqembu ukuze balande amava.
FUNDA NALA: USiyabonga Nomvete uvulela izingane amathuba okufana naye
IPirates izobe ibheke ukuqala kahle komkhankaso uma isibhekene neStellies eDanie Craven Stadium ngoMgqibelo. Umdlalo uqala ngo-8 ebusuku.