EzakamuvaIbhola

INatal Rich Boyz iqinisekise uTruter njengomqeqeshi omusha

SIHLE NGUBO

Kuye ngamagama enkehli iRichards Bay FC imemezela uBrandon Truter njengomqeqeshi wayo omusha, ngoLwesithathu ntambama.

Usihlalo weBay, uJomo Biyela, ubethembise ukuthi ngeke lishone olwangoLwesithathu bengashongo ukuthi yimuphi umqeqeshi ozohola iqembu, njengoba kuzoqala isizini entsha yeBetway Premiership. Ubekhuluma no-Andile Ncube kwiMetro FM ngoLwesibili.

Lapha uBiyela ubecacisa eyokuhlukana kweqembu lakhe noVusumuzi “Kanu” Vilakazi, obecija iNatal Rich Boyz. UVilakazi neBay bavumelane ngokuhlukana kulandela ukungaboni ngaso linye ngezinto ezithile.

Nebala leli qembu laseMhlathuze lithumele isitatimende liqinisekisa ukuthi ukuthi uTruter, oke waqeqesha iMoroka Swallows neSekhukhune United, uyena ozobamba izintambo njengomqeqeshi kwiNatal Rich Boyz.

“IRichards Bay FC ithatha leli thuba ukuqinisekisa ukuqokwa komqeqeshi uBrandon Truter ozoyibamba ngesizini ka-2024/2025, nombandela wokuthi angavuselela,” kusho isitatimende seBay.

“Umqeqeshi uTruter uyaziwa ebholeni laseNingizimu Afrika, uke waqeqesha iSekhukhune United. Uyaziwa futhi kwiRichards Bay njengoba eke wayiqeqesha ngesizini ka-2018/2019. 

“Ufika namava amakhulu eqenjini. Siyamemukela emsebenzini wakhe omusha futhi simfisela okuhle kodwa.”

UVilakazi uveze ukuthi iBay ibifuna asayine inkontileka enombandela wokuthi emidlalweni emihlanu uzothola amaphuzu ayisishiyagalombili. Lo mqeqeshi akavumanga ukusayina le nkontileka, kwase kuhlukana inhloko nesixhanti.

Kusobala ukuthi inkontileka esayinwe uTruter ihamba nalo mbandela. Uma ekwazi ukwenza lokhu neBay uTruter iyoqeda isizini inamaphuzu angu-48. Lokhu kuyoqinisekisa ukuthi iqeda isemaqenjini amane aphezulu.