EzakamuvaIbhola

Ugudle abeChiefs oweMoroka Swallows esayina uMhango

Njabulo Shezi

Usihlalo weMoroka Swallows usenze okungajwayelekile egcona abalandeli beKaizer Chiefs ngemuva kokusayina umdlali abebemhalela. 

Bese kubikwe kaningi ukuthi uGabadinho Mhango, ochithwe AmaZulu FC uzosayinwa yiKaizer Chiefs. 

Nokho yawachitha lawo mahlebezi, uBobby Motaung ekugcizelela ukuthi ngeke bakhalele kulo mgadli noma sebehluphekile. 

Imemenja kaMhango, uMike Makaab yena wakuqinisekisa ukuthi bayincinzile iChiefs ngokuthi uMhango engatholakala uma imfuna. 

Wayeke wamzamela vele lo mdlali kwiChiefs nangaphambi kokuthi athathwe yi-Orlando Pirates eminyakeni embalwa edlule. 

Kodwa nalapho yayimchithile iChiefs. Omunye wabalandeli beChiefs ubeke wabhala kwiTwitter ukuthi uMhango useNaturena uyahlolwa isimo sempilo. 

Kodwa kunalokho sekuvele ukuthi ubesayina kwiMoroka Swallows ngaleso sikhathi njengoba uMogashosa esemchomela nje.

Lesi sikhulu sibhale khona kwiTwitter sibuza lo mlandeli ukuthi kuhamba kanjani ukuhlolwa kukaMhango. 

Ube esememezela ukuthi, ‘uGaba useyiNyoni, iminyaka emibili’ okusho ukuthi usejoyine leli qembu elibizwa ngeZinyoni zaseDube.

 

Usayinwa nje uMhango leli qembu laseSoweto belisanda kumemezela nokuthola kwalo uTshegofatso Mabasa embolekwe yiPirates. 

Ukufika kwakhe kuqinisa amava kuleli qembu elaqala ngo-Andile Jali ukusayina abadlali njengoba kuvulwe iwindi lokusayina nje. 

Lalanda nomqeqeshi onamava amakhulu ebholeni lakuleli, uSteve Komphela okunguye osengumqeqeshi elekelelwa uMusa Nyatama. 

IMoroka Swallows isayine noDumisani Zuma, naye ochithwe AmaZulu. Okuphawulekayo ke nokho ngalaba badlali wukuthi balandelwa iphunga elibi. 

Emaqenjini abebekuwo bake babhekana nezinsolo zokwehluleka ukuziphathisa okwabadlali abadlala ezingeni elikhokhelayo. 

UMhango wachithwa yiPirates ngoba kade etholakale endaweni yotshwala ngesikhathi esingafanele. 

NoZuma wakhuzwa kaningi kwiChiefs la ake wabanjwa khona amaphoyisa eshayela ephuzile. Baxhithelwe izinsolo ezifanayo nakuMaZulu. 

FUNDA NALA: ‘Sekoshiyana ukwenza,’ kufunga uNcikazi nge-Orlando Pirates

NoJali zike zavela izinsolo zokuthi wafika ejimini yeSundowns ebukhile ngesizini edlule. Nangeiskhathi emisiwe ubebonakala ezithokozisa nabangani nangeziphuzo.