USiyabonga Nomvete uvulela izingane amathuba okufana naye
Alfred Ngubane
Inkakha yebhola kuleli, uSiyabonga Nomvete useqale uhlelo anethemba lokuthi luzosiza ukunika abafana abasebancane ithuba lokulandela ezinyathelweni zakhe.
USiyabonga Nomvete wadlala emaqenjini ehlukene kuleli – okukhona kuwo nezinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
Wadlala naphesheya kwezilwandle kanti manje ngaphansi kweSiyabonga Bhele Nomvete Foundation usesungule imidlalo yebhola lezikole zaKwaMashu namaphethelo.
“Inhloso enkulu ukunikeza ithuba abantwana abadlala ibhola neminye imidlalo ukuthi bathuthuke,” kuchaza uNomvete ngesikhathi kwethulwa lolu hlelo.
“Abadlali abazovelela kule midlalo ngizobazamela emaqenjini engike ngadlala kuwo kuleli lakikithi naphesheya kwezilwandle.
“Ngifuna nokugcizelela ukuthi abadlali abazozimisela bazothola nethuba lokusayinwa yiProsport International ephethwe nguMike Makaab.”
Uveze nokuthi usebenzisana nezinhlaka zomphakathi okubalwa kuzo amaphoyisa, abezempilo nabezemfundo ukunqanda isihlava esibi sezidakamizwa.
USiyabonga Nomvete waqala ukugqama ebholeni lezikole efunda eMzuvele High School ayedlala kuyo kodwa ebangwa ngothishanhloko bezikole.
Kulapho avundululwa khona wabe eseyiswa kwi-African Wanderers wafike waqala wazakhela igama.
Wadlala elihle ibhola waze wagcina esesayinwa yiKaizer Chiefs. Wasuka kwiChiefs waye kwi-Udinese e-Italy.
Ekubuyeni kwakhe phesheya udlale kwi-Orlando Pirates, Moroka Swallows wabe esebabeka ethala amakhokho esedlala kuMaZulu FC.
FUNDA NALA: AmaZulu amemezele izinguquko ezinqala ezathenjiswa uZungu
Le midlalo yakhe izoqala ngenyanga ezayo eNtuzuma. Umdlalo wamanqamu uyodlalelwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.