Okwenza uWilliams ashiye iBucs incela izithupha eqoka iDowns
Njabulo Shezi
Imenenja edumile yabadlali bebhola uRob Moore useveze imizamo enzulu kasihlalo we-Orlando Pirates uDkt Irvin Khoza yokuheha uRonwen Williams.
URonwen Williams ubesemabhukwini abadlali abafunwa yiPirates ngaphambi kokukhetha ukujoyina iMamelodi Sundowns ekuqaleni kwesizini ka-2022/23.
Lo nozinti weBafana Bafana ujoyine iMasandawana esuka kwiSuperSport United. Uqokwe njengonozinti ovelele ngesizini yakhe yokuqala eChloorkop.
Ngaphambi kokujoyina lezi zinkunzi zaseTshwane, uRonwen Williams ubehalelwa yiPirates kanti imenenja isiphumele obala ngemizamo kaKhoza yokuthola lo nozinti.
“Kwangihlaba umxhwele lokho, ngicabanga ukuthi akukholakali. Uhlonipha yonke imigdu efanele,” kusho uMoore kwabeFAR Post.
“Wazikhulumela mathupha noWilliams, wathi njengoba ungukaputeni weqembu lesizwe, uma ujoyina iPirates kumele ngikubheke lokho.
“Yilokho okumele ngikubheke ukuze sibone ukuthi yiliphi iqhaza olibambayo eqenjini lami.
“Lokho kukunikeza umbono wokuthi ungumuntu oqaphela yonke into uma efuna umdlali. Okubalulekile wukuthi akacucuzi.
“Uma efuna into usuke engumuntu ozoxoxisana ngokushesha futhi akubeke etafuleni eza nakho ngale kwamathizethize.
“Ngalokho, uyashesha kakhulu kuneKaizer Chiefs neSundowns, yingakho ngimhlonipha kakhulu,”
UMoore uphinde wachaza ukuthi kungani iSundowns yagcina iwunqobile umjaho wokusayinisa uWilliams yize iPirates ibizimisele kakhulu.
“Uma sikhuluma iqiniso, ukungabaza uWilliams abenakho ezinyangeni ezingu-15 kuya kwezingu-18 ezedlule bekuwukuthi iPirates kade ibe nesizini embi.
“Wayengabaziswa wukuthi kwakungacaci ukuthi ibhekephi ngaleso sikhathi.
“Yilokho okwangabazisa uRonwen Williams yize usihlalo ayemqinisekisile ukuthi iPirates izojika izinto futhi ifuna ukubuyisa isithunzi.”
Njengoba ingamtholanga uWilliams, iPirates yakhalela kuSipho Chaine ofike wakhombisa ukuba ngunozinti onekusasa elihle.
Kulokhu seyiphinde yengeza ngoMelusi Buthelezi naye ongunozinti osemncane futhi onekusasa eliqhakazile.
FUNDA NALA: OweChiefs uxhilwe wukuchoma kukaMorgan Mammila
Ivele ke inoRichard Ofori osezakhele igama njengoba kade evimba naseqenjini lesizwe laseGhana. Kukhona noSiyabonga Mpontshane.