EzakamuvaIbhola

OweChiefs uxhilwe wukuchoma kukaMorgan Mammila

Sbongs Gumbi

Umqeqeshi weChippa United, uMorgan Mammila ucike uzakwabo uMolefi Ntseki ngemuva kokuthi iqembu lakhe libambe iKaizer Chiefs ngeSonto.

UMorgan Mammila uthe iChiefs ibe nenhlanhla nje ngokuthola iphuzu emdlalweni wayo wokuqala weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. 

“Emizuzwini yokuqala engu-45, bekungekho ngisho nelilodwa ibhola elikhahlelwe yiKaizer Chiefs epalini lethu… 

“Ukukhuluma iqiniso nje, bekumele siwunqobe lo mdlalo. IKaizer Chiefs ngize ngayibona emizuzwini engu-10 yokugcina,” kusho uMorgan Mammila ngemuva komdlalo.

La mazwi awehlanga kahle kuNtseki obedlala umdlalo wakhe wokuqala osemthethweni njengomqeqeshi weChiefs kulandela ukuqokwa kwakhe ngoJulayi.

“Mhlawumbe (Mammila) uwuqonda ngendlela ehlukile umdlalo,” kusho uNtseki etshela abezindaba.

“Bekuwumdlalo wamaqembu amabili abefuna ukunqoba. Futhi womabili amaqembu akhe amathuba, womabili amaqembu abenengcindezi. 

“Ngeke ngimkhulumele omunye umqeqeshi noma elinye iqembu… Kodwa ngicabanga ukuthi iqembu lethu lenze kahle kakhulu emuva.

“Futhi njengoba ngishilo, singenza kangcono ekusebenziseni amathuba nokwakha amanye angcono.”

IChiefs ibibukeka iphelelwa amacebo uma seyibheke emapalini eChippa, ililahle kalula ibhola. 

UNtseki uyavuma ukuthi yindawo azodinga ukuyisebenza kakhulu le yaphambili.

“Senze kahle kakhulu ezikhathini ezithile zomdlalo. Ikakhulukazi ngesikhathi abadlali beshintshana ngezindawo maphakathi nenkundla.

“Besivula izikhala zokuthi sikwazi ukuya phambili noma senze iminyakazo eya phambili.

“Kodwa ngicabanga ukuthi asikwazanga ukwenza kahle, ikakhulukazi uma sesibheke emapalini abo. 

“Asizange silikhahlele ipali ukuze siphoqe unozinti noma izitobha zabo ukuthi zisebenze kanzima.

“Ngicabanga ukuthi ngokudlala ibhola, besiwuphethe kahle umdlalo kodwa ukudlala ibhola elihle akukunqobeli imidlalo (uma ungawashayi amagoli).”

UNtseki uzoba nesikhathi esifushane sokulungisa iqembu lakhe ngomdlalo olandelayo ozokuba ngoLwesithathu.

FUNDA NALA: Ukhonjwa kuMaZulu ochithwe yiPirates, nelaseLimpopo liyamfuna

IChiefs kuzomele isebenze ngokuphindiwe uma ifuna ukuphuma iphila kwiMamelodi Sundowns ezobhekana nayo eLucas Moripe Stadium.