Umqeqeshi wePirates uzishaya isifuba ngoMandla Ncikazi
PHILI HLONGWANE
Akawuvali umlomo ngamagalelo amqoka ephini lakhe uMandla Ncikazi, umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
Lo mqeqeshi, odabuka eSpain, uveze lokhu ngemuva kokuthi iBucs ikhale yemuka neMTN8 kulandela ukushaya iStellenbosch FC ngo 3-1 kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku.
I-Pirates bese iyinqoba okwesithathu kulandelana le ndebe nokungumlando omusha uma kukhulunywa ngeMTN8.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uRiveiro uthe ukuba khona kukaNcikazi eduze kwakhe kumsiza kakhulu.
“Umsebenzi kaMandla (njengabanye abakhona eqenjini) ubaluleke kakhulu,” kusho lo mqeqeshi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Njengomqeqeshi wangaphandle ofika kwelinye izwe, ngiyalazi ibhola ngoba liyefana kodwa amaligi anezinto zawo ezihlukile.
“Ibhola laseNingizimu Afrika linento yalo elenza lehluke futhi leyo yinto okumele wazi ukuthi uma ushesha uyifunda (njengomqeqeshi wangaphandle) kuzolilungela iqembu.”
UNcikazi usehlale isikhathi eside kwiPirates selokhu afika evela kwiLamontville Golden Arrows ngo-2021.
Useke wasebenza njengomqeqeshi obambile enoFadlu Davids ngemuva kokushiya kukaJosef Zinnbauer.
“Kubantu abafana noMandla, ngaye ngikhuluma ngomqeqeshi osebe khona isikhathi eside ebholeni laseNingizimu Afrika, edlala, eqeqesha,” kuqhuba uRiveiro.
“Uyawazi lo mdlalo kahle kakhulu ngakho lokho kukunika ithuba lokufunda ngokushesha indawo osuke ukuyona.
“Kimina njengomqeqeshi wangaphandle kubalulekile ukuthi ngiphahlwe abantu abawumsinsi. Abantu abakwazi ukukhuluma nawe ngosiko (lweqembu).
“UMandla wenza umsebenzi omkhulu kakhulu kulokho futhi ubelokhu engihlonipha kakhulu mina njengomqeqeshi.
“Into ebalulekile ukuthi silwele into efanayo, okuwukunqoba imidlalo.”
UNcikazi naye ubesanda kuveza ukuthi indlela yakhe yokuqeqesha ithe thuthu njengoba esesebenza noRiveiro. Kuyacaca kukhulu ukubambisana nokuqondana kulaba baqeqeshi.