EzakamuvaIbhola

Ucela elinye ithuba umdlali owadlala ngomsebenzi kwiPirates neSundowns

Intatheli yeMpempe

UThamsanqa Sangweni ubhale incwadi ende ayishicilele kwiFacebook ecela uxolo ngamaphutha awenza, waphinde wacela ukunikwa elinye ithuba lokudlala esigabeni esikhokhelayo.

Lo mdlali wasesiswini onekhono elihle, wadlala ngamathuba amaningi ngezikhathi zakhe njengoba ebedume ngokungalaleli nokuba nenkani. 

Waqala ukudlala kuMaZulu FC, kodwa nakhona waxabana noManqoba Mngqithi owayengumqeqeshi ngaleso sikhathi. 

Babanga ukuthi uMngqithi wayefuna ukumdlalisa emuva, yena efuna ukudlala esiswini. 

Wasayina kwiMamelodi Sundowns ukusuka lapho, kodwa nakhona akangahlala isikhathi eside wabolekiswa emaqenjini ehlukene. 

Wafika nakwi-Orlando Pirates ngo-2017, nakhona waxabana npRulani Mokwena obeyiphini lomqeqeshi ngaleso sikhathi. 

Kuthiwa bake baze balanyulwa sebesho ukubambana ngezandla impela. Ekususukeni kwakhe kwiPirates izinto azizange zisamhambela kahle. 

Ugcine ukudlala esigabeni esikhokhelayo kwiChippa United njengoba ngesizini edlule ebedlala kwiPeacemakers kwi-ABc Motsepe League eWestern Cape.

Nokho usewabonile amaphutha akhe njengoba esebhale incwadi ende exolisa, anxusa nokunikwa elinye ithuba. 

Funda le ncwadi ebhalwe nguSangweni, oseneminyaka engu-34 ngezansi: “Kusihlalo uDkt  Irvin Khoza, umnikazi weGolden Arrows umama uMato umnikazi weChippa United uMnuz Siviwe Mpengesi…

“(Ubale noSandile Zungu, Jomo Biyela, Pitso Mosimane, Steve Komphela, Rulani Mokwena noMorgan Mammila).

“Ngizothanda ukuthatha leli thuba ngicele usizo lwenu ukuze ngithole elinye ithuba…

“Ngisasebenza ngokuzimisela futhi ngenza amaphutha amaningi endleleni yokuphila kwami. 

“Nngifunde kabuhlungu. Amaphutha angenze ngalahlekelwa umsebenzi. Amaphutha angenze kwangaba bikho muntu ofuna ngidlale eqenjini lakhe. 

“Angisoli muntu ngaphandle kwami ngoba yimina owenza amaphutha. Ngicela uxolo nethuba lokuphinde ngidlale ibhola. 

“Empilweni yami iyodwa into engiyaziyo futhi engifuna ukuyenza. Ibhola liyikho konke kimi nasemndenini wami. 

“Bengizicabangela mina kodwa ngigcine ngilahlekelwe yikho konke engikuthandayo. 

“Kodwa angisiyena umuntu ebenginguye. Lawo maphutha angenza ngibe yindoda engcono. 

“Angenze ngabona ukuthi kusho ukuthini ukuba umdlali ezingeni elikhokhelayo. Ukuthi kufanele ngiziphathe kanjani. 

“Nginalo ithalente uNkulunkulu anginikeza lona. Ngiyazi nesiNgisi sami asisihle kodw angethemba ukuthi lo mlayezo uzonithinta… 

FUNDA NALA: Lusebenzile Usuthu luthola iphuzu ‘eselidayisile’ uSikhakhane

“Ngizocela ukuma lapho. Ngilindele ukuthola izimpendulo zenu ngiyazi abanye abasenayo nenombolo yami. Ozithobayo imina uThamsanqa Sangweni.”