EzakamuvaIbhola

Lusebenzile Usuthu luthola iphuzu ‘eselidayisile’ uSikhakhane

NJabulo Shezi

UThembela Sikhakhane kufanele ukuba kuthi akazithanqaze phansi lapho ekhona ngemuva ‘kokudayisa’ AmaZulu FC emdlalweni wawo wesibili weDStv Premiership. 

Lo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu kusihlwa uphele zibambene ngo 0-0 phakathi koSuthu neSuperSport United.

USikhakhane ululimazile Usuthu ezicelela ikhadi elibomvu kungenasidingo esiwombeni sokuqala. 

Lesi sitibha sivele sagxoba umdlali weSuperSport, uShandre Cambell eselele phansi futhi ibhola likuye (uSikhakhane). 

Lokhu kuphoqe ukuthi umqeqeshi enze izinguquko ngendlela abehlele ngayo iqembu. 

Ubuyise uRian Hanamub obedlala esiswini wazovala emuva, kwanyuka uMbongeni Gumede wayodlala emuva kwesokunxele. 

Nokho bekukancane la bekubonakala khona ukuthi Usuthu luyashoda njengoba beluyimise kabi iSuperSport. 

Empeleni nje lube neshwa ukuthi lungaphumi namaphuzu agcwele kulo mdlalo njengoba luke lwafika emapalini kaRicardo Goss kwavalwa amehlo. 

Kodwa njengoba ludlale isikhathi eside lungasaphelele, kuzofanele uCijimpi alamukele iphuzu alitholile kulo mdlalo. 

FUNDA NALA: UMokwena uncoma unozinti abakhala ngaye abeChiefs

Nokho uzakwabo, uGavin Hunt ubecasukile ngokuthi bahlulekile wukusebenzisa ukuthi AmaZulu adlale isikhathi eside engasaphelele.