EzakamuvaIbhola

Usebonile uTembo la kumele aqinise khona kwiRichards Bay

Sihle Ngubo

Kuzomele ajike izinto ngokushesha umqeqeshi weRichards Bay FC, uKaitano Tembo, njengoba leli qembu selikugcina ngokuxoxelwa ukuthi kunjani ukunqoba umdlalo. 

IRichards Bay iphinde yabuya ishwiba izandla kulandela ukushaywa yiLamontville Golden Arrows ngo 2-1 emidlalweni weDStv Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesibili.

UTembo ukhale ngokuthi bayalala kakhulu emuva. 

“Sinenkinga yokungaqapheli emuva. Buka nje sithe sesibuyile emdlalweni saphinde senza into efanayo,” kusho uTembo.

Leli qembu lingenelwe yigoli esiwombeni sokuqala. Kodwa kuthe sekusele imizuzu eyisihlanu umdlalo uphele, lalithola elokulinganisa. 

Kodwa kuthe abalandeli balo besagxumagxuma bejabulela lelo goli, yabuya i-Arrows yashaya elesibili ewine ngalo.

“Ngiyajabula ngendlela esilwa ngayo. Sizoba ngcono ngokuhamba kwesikhathi. Kumele silokhu sisebenza senze noshintsho emuva.”

INatal Rich Boyz isahlulekile ukunqoba emidlalweni engu-17 yeDStv Premiership, kuhlanganiswe neyangesizini edlule. 

Lokhu akungabazeki ukuthi kwenza abadlali bangabi nakho nakancane ukuzethemba.

Leli qembu laseMhlathuze livule isizini entsha ngokushaywa yiSuperSport United ngo 2-0 njengoba selishaywa yiGolden Arrows ngo 2-1. 

Ngesizini edlule iRichards Bay iqale kahle kodwa yagcina isibalwa namaqembu abevika izembe.

Igoli leGolden Arrows lishaywe uRyan Moon ngomzuzu ka-36. Bekufanele Abafana Bes’thende baye ekhefini behamba phambili ngo 2-0 kodwa wadlala ngethuba uKnox Mutizwa. 

Ngomzuzu ka-86 iRichards Bay ithole iphenathi, wayibeka phakathi uBoikanyo Komane kwaba ngu 1-1. 

Nokho ibuye yalala futhi emuva iNatal Rich Boyz, yashaya igoli ngomzuzu ka-88 i-Arrows ngonyawo luka-Olwethu Ncube.

FUNDA NALA: Akachazekanga uJose Riveiro iPirates icishe idedela iRoyal AM 

Ngokuwina lo mdlalo i-Arrows ihlale esicongweni, kanti yisimo esihluke kakhulu kwiBay njengoba iyibambe ekugcineni manje.