Akachazekanga uJose Riveiro iPirates icishe idedela iRoyal AM
Sbongs Gumbi
Umqeqeshi we-Orlando Pirates ubone iqembu lakhe lidlale kangcono emdlalweni wokuqala elihlulwe kuwo kunalo eliwunqobile ngoLwesibili kusihlwa.
IPirates ishaye iRoyal AM ngo 4-2 e-Orlando Stadium ngoLwesibili. Beyibuya endukwini ka 1-0 eyithole kwiStellenbosch ngempelasonto.
Kodwa noma iwine ngenqwaba yamagoli kulo mdlalo wangoLwesibili, uJose Riveiro akachazekanga.
“Ngicabanga ukuthi bekumele ngabe sisheshe saqeda ngalo mdlalo. Sibe namathuba amaningi okuqeda amathemba abo.
“Kodwa asikwenzanga lokho, salokhu sibanika ithemba lokuthi bengabuya,” kusho uJose Riveiro ngemuva komdlalo.
“Angiyithandanga indlela esidlale ngayo esiwombeni sesibili, besibanika ibhola njalo.
“Kodwa ke siyafunda kulezi zinto…
“Nabo kumele baziqhenye ngendlela ababuye ngayo kade sebelandela ngemuva ngo 3-0,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eSpain.
UJose Riveiro uthi indlela abadlale ngayo behlulwa yiStellies yiyona afisa bedlale ngayo njalo ngoba bebewuphethe umdlalo waze wayophela.
“Sidlale kangcono ngempelasonto kunalokhu kwanamuhla. Asikwazanga ukulawula umdlalo ngendlela ebengifisa ngayo.
“Besihlala emuva kakhulu kodwa lokho kusisizile ngoba abadlali bethu abahlaselayo bayashesha uma benesikhala phambi kwabo.”
IPirates ikhombisile ukuthi ifuna ukuwapholisa amanxeba abalandeli avuleke ngesikhathi ishaywa yiStellenbosch emdlalweni wokuqala.
Indlela eqale ngawo lo mdlalo bekubonakala ukuthi ayifuni kwenzeke elinye iphutha lokulahla amaphuzu, ikakhulukazi ekhaya.
Beyifika iphindelela emapalini eRoyal AM abegadwe uMondli Mpoto. Lo nozinti usebenze kanzima umdlalo uqala wazo wayophela.
Nokho limdile elokuqala ngomzuzu ka-15 kulandela ukubekelwa kwePirates iphenathi. Beyifanele-ke njengoba uSamuel Manganyi ebhudubeze uPatrick Maswanganyi.
UZakhele Lepasa ube eseyibeka enethini. Iqhubekile nokudlala kahle iPirates futhi yalithola elesibili ngomzuzu ka-29, lishaywa uMonnapule Saleng.
ULepasa uphinde elesibili ngomzuzu ka-35. Kulapho evuke khona umqeqeshi weRoyal AM uJohn Maduka, wenza izinguquko ezine.
Zisebenzile ke lezi zinguquko ngoba iPirates ayizange isazenzela umathanda njengoba kade yenza phambilini.
Futhi kuyiwe ekhefini isilitholile elilodwa eliqhamuke noSphiwe Cele obesanda kungena.
Esiwombeni sesibili iRoyal AM beyisidlala kangcono futhi ike yayimincisa iPirates ngasekupheleni komdlalo.
UMxolisi Macuphu usebenzise ithuba abalithole ngephutha likaSipho Chaine, washaya elesibili.
FUNDA NALA: ‘Sekushoda kancane i-Arrows ibe wumshini obhubhisa kwasani’
Kodwa ke uBandile Shandu, ongene esiwombeni sesibili ethatha indawo kaJames Monyane, ushayele isipikili sokugcina ngegoli lesine.