Usuthu luhlabane ngobekwiBucs, nobedlala kwiDowns
SIHLE NGUBO
AmaZulu FC aseqinise iqembu ngokusayinisa obengumdlali we-Orlando Pirates, uSandile Mthethwa, nogcine ukubonakala kwiMamelodi Sundowns, uBongani “Ben 10” Zungu.
UMthethwa, odabuka eMpangeni, uke wadlala eqenjini leDiski Challenge lePirates ngaphambi kokunyuselwa eqenjini elikhulu.
Nokho ezinsukwini ezimbalwa ezedlule lesi sitobha sihlukene neBucs kulandela ukungalitholi ithuba elanele lokudlala.
“Ngizokwenza konke okusemandleni ami ukufaka isandla emlandweni waMaZulu, ngiphakamise igama lomndeni wami bese ngisize iqembu libuyele kwiTop 4,” kusho uMthethwa.
“Ngiyabonga kuMaZulu ngokukholelwa kimina. Ngike ngezwa ukuthi bake bazama phambilini ukungisayinisa, njengoba sengilapha ngifuna ukukhombisa ukubonga kwami ngokusebenza kanzima.”
UZungu ugcine ukudlala ibhola kwiSundowns ngesizini edlule. Kusukela ekuqaleni kwesizini usemataniswe namaqembu amaningi njengoba esethushuka kuSuthu.
“Engifuna ukukuzuza ukuthi ngisize iqembu linyukele phezulu kwilogi yePremieship, ngisize abadlali abasebancane ngifike namava ami esikwatini,” kusho uZungu ongowokuzalwa eDuduza.
“Yonke indawo lapho ngidlale khona ngizinqobile izindebe, ngakho ngifuna ukuletha lowo mqondo lapha.
“Ngiyazi ukuthi udingani ukuze inqobe ngakho leyo yinhloso yami. Ngiyajabula ukuthi ngizoqeqeshwa u-Arthur Zwane noVusi Vilakazi.
“Sengiyibukile imidlalo yaMaZulu futhi iqembu lidlala ibhola lesimanje. Indlela engiqonda ngayo umdlalo webhola izolisiza iqembu kodwa kuzomele ngisebenze kanzima ukuthola indawo yami.”
UZungu angase athole ithuba lokudlala neqembu lakhe lakudala, iSundowns, okokuqala uma Usuthu selutholana naBafana Ba’Style eMoses Mabhida Stadium, ngoDisemba 24.

