EzakamuvaIbhola

USeema uveza okumshiyise kwiPolokwane

Ukushiya isigubhukanea kukaLehlohonolo Seema kwiPolokwane City kumangaze abaningi kwazise iqembu belenza kahle ngaphansi kwakhe. 

Izindaba zokusula kukaSeema kwiPolokwane zivele ngoMsombuluko, kanti Impempe ithole ukuthi ubheke kwiSekhukhune United. 

Nokho yena usacasha ngesithupha, uthi yena ushiye lo msebenzi ngoba edinga isikhathi sokuhlala nomndeni wakhe.

USeema ubesanda kushonelwa nguyise eLesotho kanti uke wahlaba ikhefu kwiPolokwane eyomfihla. 

Ekubuyeni kwakhe ufike wasula, kanti uthi yingoba usagqilazekile emoyeni, ufuna ukuba nomndeni isikhashana.

“Kuyiqiniso ukuthi ngisusile emsebenzini wePolokwane City. Njengamanje ngiseGauteng nomndeni wami,” ucashunwe esho kanje uSeema kwiFARPost. 

“Njengoba wazi, ngishonelwe ubaba esikhathi esingesiningi esedlule, futhi lokho kube nzima kimi. 

“Ngakho nginqume ukuhlehla kancane, ngike ngithole isikhathi sokuba nomndeni wami. 

“Ukulahlekelwa ubaba kungishaye kakhulu. Ngidinga isikhathi nje sokuba nomndeni wami.” 

Nokho ubuye wakuveza ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona aphezu kwakho, kodwa wathi uzobuye akhulume ngakho. 

Kuzokhumbuleka ke ukuthi iSekhukhune ivele izinze eGoli la ijimela khona, bese iya ngokuyodlala ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. 

“Kukhona ezinye izinto engingeke ngikhulume ngazo okwamanje. Engingakusho nje wukuthi njengamanje nginomndeni wami la eGauteng.”

Nokho kungenzeka kuphele iviki iSekhukhune seyikumemezelile ukuqashwa kwakhe ukuze aqale umsebenzi kahle njengoba kuyisikhathi sekhefu lemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba nje. 

FUNDA NALA: UMphela ukhala ngabamhleka ngomsebenzi wakhe omusha

ISekhukhune ayinaye umqeqeshi kulandela ukukhomba kwayo indlela uBrandon Truter obesehlale isikhathi esingaphezu konyaka kuyo.