IChiefs kumele ithathe isinqumo ngonozinti ezothembela kuyena
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, angase azithole edideka ukuthi ubani unozinti azomvimbisa emidlalweni ezayo yeBetway Premiership.
IChiefs iqale isizini ivimbisa uFiacre Ntwari olandwe kwiTS Galaxy ngaphambi kokuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership. Nokho lo nozinti ubukeka engenzi kahle okungase kuphoqe uNabi ukuthi ashintshe ezintini zeChiefs.
UBruce Bvuma udlalile ngesikhathi iChiefs ibhekene neMarumo Gallants emdlalweni weCufe Cup. Lo nozinti uvimbe kahle yagcina iyinqobile indebe iChiefs.
Ngempelasonto iChiefs ibidlala kwiHome of Legends Cup lapho bekukhona iLamontville Golden Arrows, iMamelodi Sundowns, iChippa United, nawo Amakhosi.
Emdlalweni wokuqala iChiefs ibhekene neLamontville Golden Arrows bekuvimbe uBvuma. Wenze kahle kakhulu njengoba iqembu linqobe ngo 2-0.
Kowamanqamu iChiefs ibhekene neSundowns bekuvimbe uBrandon Petersen. Umdlalo uphele ngo 0-0 kwathi sekukhahlelwa amaphenathi kwanqoba iChiefs ngo 5-4.
Konke lokhu kungase kuphoqe ithimba laqeqeqeshi kwiChiefs ukuthi lithathe isinqumo sokubeka uNtwari ebhentshini bese livimbise oyedwa phakathi kukaBvuma noPetersen.
Umbuzo omkhulu owokuthi ubani ozovimba emdlalweni olandelayo weligi? IChiefs izobuyela emidlalweni yeBetway Premiership ngokubhekana neRichards Bay FC, ePeter Mokaba Stadium, ngoNovemba 27.