USerero uyibambe ishisa insimbi phesheya
SIHLE NGUBO
UThulani “Cream” Serero waseNingizimu Afrika, ungomunye wabadlali asebekhombise ukuqina ngomqondo, bayibamba ishisa phesheya kwezilwandle.
Lo mdlali, ozakhele igama esagijima kwi-Ajax Cape Town esemncane, abaningi abazi nokuthi udlalela liphi iqembu nokuthi ukuphi njengamanje.
USerero, oneminyaka engu-34, usemabhukwini eKhor Fakkan Club yase-United Arab Emirates.
Ungomunye wabadlali bakuleli abangaphathwanga isizungu sokukhumbula eMzansi, base bashesha babuyela ekhaya.
Abadlali abafana noKeagan Dolly, u-Andile Jali, noBongani Zungu bagxekwe kakhulu ngokuhluleka ukuyibamba ishisa phesheya.
Lokhu kwenze basheshe baliphonsa ithawula babuyela ekhaya kungekho okutheni abese bekwenzile phesheya.
USerero useke wanconywa umqeqeshi uPitso Mosimane phambilini, ngokuthi uyakwazi ukubekezela emaqenjini aphesheya.
“UThulani Serero uyisilwane. Unomqondo oqinile njengoDino Ndlovu. Bayabekezela ngaphansi kwezimo ezinzima,” kusho uMosimane.
“Bayazi ukuthi ngeke badlale (ibhola) unomphelo. UBenni McCarthy noSteven Pienaar benza into efana ncamashi.
“Ungavumi ukuthi uthole okuncane uma wazi ukuthi ufanelwe yizinto ezikhulu.”
Lo mdlali, odabuka eSoweto, ushiye kuleli wajoyina i-Ajax Amsterdam, yaseNetherlands, ngo-2011.
Lokhu kuchaza ukuthi sekuphele iminyaka engu-12 elokhu eyibambe lokho phesheya.
Elinye iqembu ake agijima kulona yiVitesse yakhona eNetherlands.
FUNDA NALA: Kusolwa umqeqeshi ngokufa komdlali ‘onqabe nocansi’
Kubadlali abahlale isikhathi eside phesheya singabala uQuinton Fortune, uSibusiso “Rhee” Zuma, uLucas “Rhoo” Radebe, uMacbeth Sibaya, uSiyabonga Nomvete noBradley Carnel.