EzakamuvaIbhola

UBernard Parker usesebenza nenkampani yokubheja entsha kuleli

Intatheli yeMpempe

Umgadli onerekhodi lamagoli amaningi kwiKaizer Chiefs nosedlala kwiTS Galaxy, uBernard Parker useqokwe waba yinxusa lenkampani yokubheja iBoyleSports. 

UBernard Parker washaya amagoli angaphezu kuka-60 emidlalweni engu-363 kuMakhosi eminyakeni eyishumi kuleli qembu. 

Usanda kwethula incwadi engomlando wakhe esihloko sithi, From a Shack to Destiny ngoSepthemba nyakenye. 

Kule ncwadi ulanda ngempilo yakhe kusukela esengumfanyana ozihluphekekayo kuya euzakheleni igama kwezemidlalo. 

Lesi sihlabani somgadli, esidume ngelika-“Die Hond”, sithi siyakuthokozela ukusebenzisana nenkampani esezingeni eliphezulu efana neBoyleSports. 

Le nkampani inesipiliyoni seminyaka engaphezu kwengu-40 embonini yezemidlalo, izitolo ezingu-390 kulo lonke elase-Ireland nase-UK. 

IBoyleSports inezifiso ezinkulu zokuzibonakalisa njengomdlali ohamba phambili eNingizimu Afrika.

“Ngihlose ukukhuthaza abanye ukuthi balandele amaphupho abo, kungakhathalekile ukuthi izimo zabo zinjani.

“Futhi kumele uzihlanganise nabantu abakwesekayo, abazokuvikela uma udinga lokho,” kusho uBernard Parker.

“Kungakho ukuba yinxusa leBoyleSports kungithinta kakhulu, ngoba izimiso zabo zigxilile emndenini nasemphakathi futhi zihambisana kakhulu nezami. 

“Ngibheke ngabomvu ukusebenzisana nabo isikhathi eside… Ngithemba ukuthi ngizobasiza bakhule eNingizimu Afrika.” 

U-Andre Scheun, oyiNhloko yezokuMaketha kwaBoyleSports eNingizimu Afrika, uthe: “Selokhu sethulwa eMzansi ngo-Okthoba nyakenye, sijabulile ukuthi abathandi bezemidlalo baseNingizimu Afrika basamukele ngezandla ezimhlophe. 

“Njengenkampani yezokubheja ephethwe wumndeni, siyakuthakasela ukuzibophezela emiphakathini esisebenza kuyo. 

“Futhi siyaqiniseka ukuthi ukuba noBernard (Parker) ekhoneni lethu kuzosinikeza umfutho owengeziwe…” 

UScheun ukholwa ukuthi okwenza iBoyleSports ihluke kwezinye izinkampani zokubheka yisipiliyoni sayo. 

U-Andre Scheun wengeze ngokuthi, “Ngosizo lwethimba lethu ekomkhulu lethu e-Ireland, ithimba laseNingizimu Afrika belisebenza kanzima ukubeka iBoyleSports ebalazweni. 

“Sijabule kakhulu ngekusasa leBoyleSports eNingizimu Afrika futhi sesilinde ukubona ukuthi singaliyisa kuphi ibhizinisi, ngosizo lozakwethu abanjengoBernard Parker.” 

FUNDA NALA: UJose Riveiro uvuma ukusinda kwejoka lokuvikela iMTN8

IBoyleSports yaseNingizimu Afrika inemikhiqizo yokubheja ehlukahlukene, okuhlanganisa ukubheja kwezemidlalo, imijaho yamahhashi, ilotho namakhasino.