UMiguel Timm nafisa likhumbuleke ngakho ijezi lePirates ‘elihlukile’
Njabulo Shezi
Ijezi le-Orlando Pirates lesizini ka-2023/24 lihlukile futhi bekungokokuqala lenziwa ngumsiki wengqephu wakuleli, yingakho uMiguel Timm enesifiso ngalo.
Leli jezi lemukelwe ngezindlela ezehlukene ngenxa yendlela elihlotshiswe ngayo ngesithombe sogebhezi oluhambisana nophawu lwaleli qembu.
Ngesikhathi lethulwa okokuqala ezinkundleni zokuxhumana, abanye babalandeli baleli qembu babethimula kodwa baya ngokulijwayela.
Kumanje kubukeka sebezifela ngalo yize abamanye amaqembu besahlekisa ngalo nokuyinto elindelekile ke vele.
Cishe yikho lokhu okwenza uMiguel Timm anxenxe ozakwabo ukuthi balenze lingaphinde lilibaleke leli jezi emlandweni weqembu.
Bangakwenza kanjani lokho? “Njengoba ngikhona nje lapha kwethulwa leli jezi, umcabango ongifikele ngowokuthi kumele senze izinkumbulo ezingalibalekil ngalo.
“Ngethemba ukuthi eminyakeni embalwa ezayo lapho abantu bebheka emuva noma begqoka leli jezi bayosikhumbula siqukula izindebe,” kusho uMiguel Timm.
Ubekhuluma ngesikhathi iPirates yethula ngokusemthethweni amajezi ayo ale sizini ezayo.
Indebe ayifisa kakhulu lo mdlali wasesiswini ngeyeDStv Premiership osekuneminyaka engaphezu kweshumi leli qembu lingayazi.
“Kudingeka senze kangcono kakhulu futhi kumele sifake inselelo ngesicoco seligi kule sizini,” kuchaza lo mdlali.
“Siyazi ukuthi sakusho lokhu nangesizini edlule. Kodwa sakhuluma iqiniso, sasho ukuthi sehlulekile. Manje sesinelinye ithuba lokuzama,” kusho uMiguel Timm.
IPirates inqobe izicoco ezimbili ngesizini edlule, okungeseMTN8 neseNedbank Cup futhi nakwiligi ayenzanga labi kangako njengoba iqede endaweni yesibili.
FUNDA NALA: USithebe akamsabi u-Edson Castillo ofikayo kwiChiefs
Kulokhu kubhekwe kakhulu ukuthi inqobe eseligi bese yenza kahle nakwiCaf Champions League ezobuyela kuyo kulokhu.
Izoqala umkhankaso wayo weligi ngomdlalo wasekuhambeni kwiStellenbosch FC eKapa ngoMgqibelo kusihlwa.