Imihlomulo esivimbe ekaThabo Cele eza kwikaizer Chiefs
Njabulo Shezi
Akusabonakali iKaizer Chiefs izosithola isihlabani seBafana Bafana, uThabo Cele njengoba kuvela ukuthi abavumelani ngemihlomulo.
Emasontweni edlule, kuvele ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-26 sekusele avumelane neChiefs ngemohlomulo yakhe ukuze ayijoyine.
Lokhu kungenxa yokuthi iqembu adlala kulo, iRadomiak Radom lithe lingamkhulula uma ethola kwelinye iqembu yize inkontileka anayo izophela ngoJuni 2024.
Lo mdlali okhuliswe yiKZN Academy, ungomunye wabadlali abenze kahle kwiBafana ebidlala kwiCosafa Cup ka-2023.
UThabo Cele uyiqale yonke imidlalo emine edlalwe yiBafana kulo mqhudelwano futhi ukhombise ukuba sezingeni elihle kakhulu.
Uveze izinga eliphezulu kakhulu ngesikhathi bedlala neNamibia nokufakazelwa wukuklonyeliswa kwakhe ngendondo yokuba ngumdlali ovelele ngemuva komdlalo.
“Isivumelwano sikaThabo Cele neKaizer Chiefs sibukeka sesishaye ungqimphothwe,” kusho uPrince Sobayeni ongumqaphi wabadlali baphesheya kwezilwandle engxoxweni abe nayo nabeFARPost.
“Abaphethe lo mdlali bathe sekunesikhathi bexoxisana neKaizer Chiefs. Kodwa abavumelani ngemihlomulo yomdlali.
“Njengoba umdlali efuna ukubuya e-Europe kumele kube nemibandela nemihlomulo efanele.
“Ngicabanga ukuthi lokhu kuhlanganisa iholo neminye imicikilisho ebalulekile.
“Ngakho-ke uma kungavunyelwana ngalokho, umdlali uncamela ukuhlala phesheya kwezilwandle aqhubeke nomsebenzi wakhe lapho esenenkontileka khona.
USobayeni uqhube wathi: “Kodwa kungenzeka noma yini ngoba isivumelwano sisesezithebeni, kungenzeka noma yini ngoba iwindi lokudayiselana ngabadlali lisavuliwe.
“Sizobheka ukubona ukuthi kwenzekani ngoba, njengamanje izinto zimi ku-50/50, njengoba wazi, ukudluliselwa kungathatha ithuba.
“Sekuzoba kwiKaizer Chiefs ukuthi imncenge lo mdlali bese ithi chatha kancane kwekubeka etafuleni.
“Okwamanje, kuzomele silinde sibone ukuthi kuzokwenzakalani ezinsukwini ezizayo. Iwindi lokudayiselana ngabadlali livalwa ekupheleni kwenyanga.”
FUNDA NALA: UBernard Parker usesebenza nenkampani yokubheja entsha kuleli
UCele naye akakuchithanga ukuthi angaya kuMakhosi njengoba esanda kuveza ukuthi ‘kungenzeka noma yini’ njengoba ecabanga ukuya kulezi zinkunzi zaseSoweto.