EzakamuvaIbhola

Uveze usizo lukaKhoza uLepasa ebhubhisa iSekhukhune kwiMTN8

Sbongs Gumbi

Ukushweba iphenathi cishe yiyonanto engeyinhle eyenziwe nguZakhele Lepasa i-Orlando Pirates ibukisa ngeSekhukhune United emdlalweni weMTN8 ngoMgqibelo ebusuku. 

UZakhele Lepasa, oshaye amagoli amabili emdlalweni weligi phakathi neviki, ushaye amagoli amathathu kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium.

Lo mgadli osencane ubebolekiswe kwiSuperSport United ngesizini edlule kodwa wabuyiswa kulokhu yize uGavin Hunt ubesafisa ukumgcina.

“Ngibonga uMdali, usihlalo weqembu (u-Irvin Khoza) ngokungethemba. Uyena owathi angibuye bayangidinga eqenjini… 

“Wathi angisebenze kanzima ukuze ngithole ijezi. Ngibonga nozakwethu ngokungamukela kahle. Ngijabule kakhulu,” kusho uZakhele Lepasa. 

Uthe iPirates ibophele iqembu eliqine kakhulu kulokhu, futhi wathi laba ngabadlali abaphambili aseke wadlala nabo.

“Ukukhuluma iqiniso nje, leli yiqembu elihle kakhulu engike ngadlala nalo. Ngibala nabasalimele kulokho ngoba nabo basezingeni eliphezulu. 

“Nginenhlanhla yokuthi yimi oqhamuka eseqedela iminyakazo yabo emihle,” kuchaza lo mgadli weBafana Bafana. 

UZakhele Lepasa ushwebe iphenathi kulo mdlalo, kodwa uthi uma iphind aivela komunye umdlalo uzoyishaya. 

“Impela bekumele abe mane (amagoli ami). Ngibe neshwa ngephenathi. Kodwa ukuba siphinde sathola enye, noma uma sithola enye emidlalweni elandelayo, ngizoyishaya mina.” IPirates iqale lo mdlalo ngegiya eliphezulu, ikhombisa ukuthi ifuna ukuyikhipha inkani iSekhukhune ebisinokuyinika inkinga. 

Igoli lokuqala likaLepasa lingene ngomzuzu ka-22. Iwatholile amanye amathuba iirates kodwa kuyiwe ekhefini isashaye elilodwa. 

Kubuywa esiwombeni sesibili, uNkosinathi Sibisi ulingqofele enethini ibhola kodwa kwasho ukuthi ubeseme endaweni engamfanele. 

ISekhukhune ibekelwe iphenathi ngomzuzu ka-52, kodwa uChibuike Ohizu wavele wayigeja. 

Kube sengathi isithelwe ngezibonkolo iPirates ngemuva kwalokho. Ubuyile uZakhele Lepasa ngomzuzu ka-57, walinamathisela enethini elesibili. 

Kuthe kungakapheli sikhathi esitheni, noNdabayithethwa Ndlondlo washaya elakhe. NoMannapule Saleng ubhale elakhe igama kwabashaye amagoli ngomzuzu ka-70. 

FUNDA NALA: Omunye umgadli wangaphandle omataniswa neChiefs

Kube sekuvela le phenathi egejwe uLepasa. Kodw aubuye waligeza igama lakhe eshaya ogoli lalkhe lesithathu sekusele imizuzu embalwa umdlalo uphele.