EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Isaya kude iSuperSport ngamava kaGavin Hunt 

By Sihle Ngubo

UGavin Hunt uyisibonelo esihle sokuthi amava awathengwa nokuthi ikhono lomuntu awusoze umemuke lona noma usukhala.

Lo mqeqeshi weSuperSport United akawinanga ndebe neqembu lakhe kodwa ukame indima ebonakalayo kule sizini ezogoqwa maduze nje. 

AmaTsatsantsa a Pitori nakanjani azodlala emiqhudelwaneni yeConfederation of African Football (Caf) njengoba ezoqeda endaweni yesithathu noma yesibili kwilogi yeDStv Premiership.

ISuperSport inamaphuzu angu-51 endaweni yesithathu, kanti neqembu elisendaweni yesibili i-Orlando Pirates linamaphuzu afanayo. 

EzikaGavin Hunt zingazithola ziqeda endaweni yesibili uma zishaya iSekhukhune United emdlalweni wokugcina weligi ngoMgqibelo, bese iPirates ingawini.

Lokhu kungasho ukuyodlala kwiCaf Champions League kwiSuperSport, kanti uma iqeda endaweni yesithathu izodlala kwiCaf Confederation Cup. 

AmaTsatsantsa yilona lodwa iqembu elizoqeda isizini lingayazi induku ekhaya okuyinto ehlule ngisho ompetha beligi iMamelodi Sundowns. 

Empeleni yilona leli qembu elishaye iSundowns ekhaya ekuqaleni kwesizini.

Konke lokhu kukhombisa ukuthi uGavin Hunt ubuye kwezwakala kwiSuperSport njengoba bekuyihlandla lakhe lesibili. 

Phambilini ushiye leli qembu waya kwiBidvest Wits esewine nalo izococo zeligi ezintathu kulandelana.

FUNDA NALA: UFadlu Davids uthi ingcindezi sebeyibeke kwiSwallows ne-Arrows

Kubukeka okwenziwe yiqembu elikhulu kule sizini kukapakele eqenjini leDStv Diski Challenge leSuperSport eliwine isicoco seDDC. 

Konke lokhu kukhomba ukuthi isizini ibe yinhle kakhulu kuMatsatsantsa a Pitori.