Omunye umgadli wangaphandle omataniswa neChiefs
Njabulo Shezi
Imizamo yeKaizer Chiefs yokuthola umgadli ayimile njengoba leli qembu lizimisele ukuqinisa phambili ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokusayina abadlali ngoSepthemba 15.
IChiefs iyashoda kakhulu phambili njengoba inoRanga Chivaviro, Caleb Bimenyimana noChristian Saile kuphela.
UBimenyimana kuvela ukuthi akasekho ezinhlelweni zabaqeqeshi futhi kungenzeka adedelwe uma leli qembu libathola abanye abagadli.
Kukhona no-Ashely Du Preez kodwa abaqeqeshi bathanda ukumsebenzisa ophikweni kunaphambili ngenxa yejubane lakhe.
Ekuqaleni kweviki kuvele imibiko ethi iChiefs seyithole umgadli waseColombia u-Efmmjjasond Gonzalez ezombolekwa yiqembu abedlala kulo.
UGonzalez usemabhukwini eReal Santa Cruz yaseBolivia la kuthiwa udlala kahle kakhulu njengoba eseshaye amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni engu-18.
Manje sekuvele igama lomunye futhi umgadli, uWalter Bwalya ongowokuzalwa eDR Congo okuthiwa iChiefs isha amashushu ngaye.
Lo mgadli usemabhukwini e-Al Ahly yase-Egypt njengamanje kodwa kuvela ukuthi akekho ezinhlelweni zaleli qembu.
Kuthiwa lithe lingamdedela uma ethola umsebenze kwenye indawo nokuyilapho abaphathi bakhe behlebele iChiefs ngaye.
Kubukeka kuzothi kuvalwa iwindi lokusayina abadlali iChiefs ibe seyimtholile okungenani umgadli oyedwa.
Akubona ke nokho bodwa laba abamataniswa naleli qembu njengoba noGabadinho Mhango kuke kwaduma ukuthi ubheke khona.
Nokho leli qembu limnqabile ngesikhathi imenenja yakhe uMike Makaab elitshela ukuthi lingamthola uma limfuna.
Ugcine esayine komakhelwane beChiefs baseSoweto iMoroka Swallows la umqeqeshi uSteve Komphela ethi yena uzokwazi ukumgoba.
FUNDA NALA: ‘Ilekelelwe’ u-Andile Jali iSundowns ichiliza iSwallows kwiMTN8
Uthi uzombuyisela ekubeni umgadli abenguye phambilini ngaphambi kokuvela kwezinto ezingalungile azenzayo ezimphazamisayo ebholeni.