EzakamuvaIbhola

Uvume iphutha uMokwena ecishe eqhatha iSundowns nenduku 

Sbongs Gumbi

Akuvamile ukuthi abaqeqeshi bawavume esidlangalaleni amaphutha abo kodwa uRulani Mokwena weMamelodi Sundowns ukwenzile lokhu. 

URulani Mokwena uthe kunephutha elibi alenzile emdlalweni wezakhe neMoroka Swallows eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Uthi ugawe yimizwa ngesikhathi umdlali weSwallows, u-Andile Jali ekhishwa ngekhadi elibomvu kusaphele imizuzu emihlanu umdlalo uqalile. 

Yikho lokhu okumenze ajike indlela iqembu lakhe abelihlele ngayo, wagcina edlalisa abadlali ezindaweni ezingabavumi. 

Mhlawumbe yikho lokhu okusize iSwallows ikwazi ukubabamba kwaze kwayiwa ekhefini zibambene kungekho goli. 

Nokho esiwombeni sesibili iSundowns ilitholile igoli elisakhulumisa namanje njengoba kuthiwa uThemba Zwane ubesendaweni engamfanele elishaya.

“Ngenze iphutha elikhulu engilixoliselile kubadlali ngesikhathi sekhefu,” kusho uRulani Mokwena ngemuva komdlalo. 

“Mhlawumbe ngithathe ngexhala ngemuva kwekhadi elibomvu. Ngemuva kokuthi bethole ikhadi elibomvu, ngidlalise abadlali abambalwa ezindaweni ezingabafanele. 

“Lokho akuzange kusebenze futhi kumele ngibabonge abadlali bami ngokwamukela uma sengilixolisela leli phutha. 

“Sililungisile ke lelo phutha esiwombeni sesibili futhi bese sidlala kangcono,” kuchaza lo mqeqeshi oneminyaka engu-36. 

Yize iSundowns iwine ngomcacamezelo wegoli elilodwa futhi ingazange iwulawule umdlalo ngendlela obekulindeleke ngayo, uRulani Mokwena wenelisekile.

“Nanamuhla kuphinde kwaba unozinti wezimbangi zethu oqokwa njengomdlali ovelele,” kusho yena ngemuva komdlalo. 

“Nasemdlalweni odlule (sibhekene neKaizer Chiefs koweligi) ngasho ukuthi ngokubona kwami u(Brandon) Petersen uyena owayefanelwe yile ndondo. 

“Namuhla nakhu sekungu-Akpeyi (unozinti weSwallows) obe ngumdlali ovelele,” kuchaza uMokwena. 

Ngokunqoba kwayo kwiSwallows, iSundowns idlulele esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano. 

Ilandelwe yi-Orlando Pirates ebukise ngeSekhukhune United iyihlaba ngempama ka 5-0 ngawo uMgqibelo. 

Sekusele kuphume amanye amaqembu amabili emidlalweni yangeSonto. Kuzoba ngoyedwa phakathi kweCape Town City neKaizer Chiefs. 

FUNDA NALA: Uveze usizo lukaKhoza uLepasa ebhubhisa iSekhukhune kwiMTN8

Kuphinde kube ngoyedwa phakathi kweSuperSport United neStellenbosch FC njengoba imidlalo yabo izodlalwa ngeSonto.