EzakamuvaIbhola

Konke sekulele kuRulani Mokwena ngokusayina eqenjini elisha

SIHLE NGUBO

URulani Mokwena, osanda kuhlukana neMamelodi Sundowns, kuseduze athole ikhaya elisha enhla ne-Afrika.

Ngokwemibiko yakamuva lo mqeqeshi oneminyaka engu-37 ubekelwe etafuleni inkontileka yeminyaka emithathu yiWydad Casablanca, yaseMorocco. Leli qembu belisanda kuhlukana nobengumqeqeshi uJuan Carlos Garrido, ohluleke ukulifaka kwiCaf Champions League yangesizini ezayo.

Ukushiya kukaMokwena kwiSundowns kushiye imibuzo ngokuthi angakwazi yini ukuyibamba ishisa kwelinye iqembu. Kuvele ukuthi kube khona ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe noFlemming Berg, oyiSporting Director yeSundowns.

Iqembu likhiphe isitatimende liqinisekisa ukuhamba kukaMokwena kodwa langachaza izinto eziningi, ngaphandle kokubonga ngalenzele khona. Libe selilanda uSteve “Mphathi” Komphela obeshiye kwiSundowns ngesizini edlule waya kwiMoroka Swallows. UKomphela ubesecija iLamontville Golden Arrows.

Kukholakala ukuthi ukuhamba kukaMokwena kuncikene nokuhluleka ukwenza kahle kwiCaf Champions League lapho iSundowns iphume khona kweyandulela owamanqamu iminyaka emibili ilandelana. Ngaphandle kwalokho Abafana Ba’Style bashaywe yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 noweNedbank Cup ngesizini edlule, nokuyinto okungenzeka ukuthi ayehlanga kahle kubaphathi beqembu.

UMokwena ushiye kwiSundowns enqobe iDStv Premiership, nobese kungokwesikhombisa iqembu linqoba leli sicoco kulandelana. Uphinde wanqoba i-African Football League ebidlalwa okokuqala ezwenikazi i-Afrika.