‘Bekusifanele lokhu,’ kusho uNtseki iChiefs iwashisa iCity ijezi
Sbongs Gumbi
Ngokubona komqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, bese kufike isikhathi sokuthi leli qembu liqale ukunqoba imidlalo.
IChiefs inqobe lo mdlalo obunzima e-Athlone Stadium ngo 2-1 ukuze idlulele emzuliswaneni olandelayo kulo mqhudelwano.
“Umphumela omuhle kakhulu lona,” kusho uNtseki ekupheleni kwalo mdlalo odlalelwe enkundleni ebigcwele phama ngeSonto ntambama.
“Yiwo lo mphumela ebesilokhu siwufuna. Futhi njengoba ngishilo ngaphambi komdlalo, yisikhathi sethu lesi.”
UNtseki akachazekanga ngomphumela nje kuphela, kodw anendlela abadlali bakhe abawalandele ngayo amacebo akhe.
“Sidlale kahle kakhulu. Kumele ngibancome abadlali… Lo mdlalo siwunqobele usihlalo, ibhodi elengamele iqembu nabalandeli.
“Esikwenzile ngabadlali wukubagqugquzela, sibatshelile ukuthi umdlalo wendebe lo ngakho ngeke wonge amandla uthi uzodlala ngasekugcineni.
“Yingakho siqale ngegiya eliphezulu. Sibatshelile ukuthi kumele kufakwe igeja phansi zisuka nje,” kuchaza uNtseki.
IChiefs yiyo ewuqale kahle lo mdlalo futhi ingena iphindelela ebhokisini leCity. Kodw akube yiCity elishaye kuqala igoli.
Bekungumzuzu ka-25 ngesikhathi uMarc Van Heerden elingqofela phakathi ibhola kae kuyikhona.
Kodwa emizuzwini eyishumi ukusuka lapho, iChiefs ibuyile emdlalweni ngegoli lika-Ashely Du Preez.
FUNDA NALA: Ushaye ‘isisoka’ uKomphela ebuzwa ngobudlelwano noMokwena
Kuthe sekusesikhathi esengezwe unompempe futhi sekubhekwe ukuthi uzophela zibambene, kuqhamuke u-Edson Castillo eshaya elokuwina.