EzakamuvaIBafana Bafana

Kumangazile ukushiywa ngaphandle koweDowns kwiBafana Bafana

SIHLE NGUBO

Kumangazile ukusala kuka-Iqraam Rayners esikwatini se-Africa Cup of Nations (AFCON) esimenyezelwe umqeqeshi uHugo Broos ngoMsombuluko.

URayners ungomunye wabadlali abahlale bebizwa eqenjini lesizwe kodwa kulokhu lo mgadli weMamelodi Sundowns usale ngaphandle.

Lo mgadli, owake wayibamba kwiStellenbosch FC, uMduduzi Shabalala weKaizer Chiefs noThabo Moloisane weStellies, kucushwe ngabo uma kukhona olimalayo.

Kubadlali abangajwayele ukuba yingxenye yeBafana Bafana kukhona uShandre Campbell weClub Brugge noTshepang Moremi we-Orlando Pirates, olenyuse kakhulu izinga selokhu kuqale isizini.

IPirates iyona enabadlali abaningi kulesi sikwati njengoba beyisishiyagalolunye.

ISundowns inabadlalali abahlanu kanti akukho noyedwa oweChiefs nokuyinto eseyijwayelekile eqenjini lesizwe.

Abanye abadlali beSundowns abangangenanga kwiBafana Bafana uMalibongwe Khoza, uFawaaz Basadien, uThapelo Morena, noThemba Zwane.

Imidlalo ye-AFCON iqala ngoDisemba 21 eMorocco, kanti iBafana Bafana izovula ne-Angola ngoDisemba 22.

Emdlalweni olandelayo iqembu lesizwe lakuleli lizobhekana ne-Egypt ngoDisemba 26, bese livale imidlalo yamaqoqo ngokubhekana neZimbabwe ngoDisemba 29.

Selilonke iqembu limi kanje: 

Onozinti: Ronwen Williams, Sipho Chaine, Ricardo Goss

Izitobha: Khuliso Mudau, Aubrey Modiba, Khulumani Ndamane, Thabang Matuludi, Tylon Smith, Siyabonga Ngezana, Samukele Kabini, Nkosinathi Sibisi, Mbekezeli Mbokazi

Esiswini: Teboho Mokoena, Bathusi Aubaas, Thalente Mbatha, Sphephelo Sithole

Amafolosi: Oswin Appollis, Mohau Nkota, Tshepang Moremi, Evidence Makgopa, Lyle Foster, Elias Mokwana, Shandre Campbell, Relebohile Mofokeng

Okucushwe ngabo: Iqraam Rayners, Mduduzi Shabalala, Thabo Moloisane