EzakamuvaIbhola

Ushaye ‘isisoka’ uKomphela ebuzwa ngobudlelwano noMokwena

Njabulo Shezi

USteve Komphela uthi yena udalwe ngendlela yokuthi noma ngabe uxabane nomkakhe ngeke umbone uma esemphakathini ukuthi kunenkinga abhekene nayo ekhaya. 

Uthi wazifundisa esemncane ukuthi ezinye izinto akumele zaziwe yizwe noma ngabe zikudla kangakanani ngaphakathi. 

Lo mqeqeshi weMoroka Swallows ubuzwe lokhu ngemuva kokushaywa kwezakhe yiMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN8 ngoMgqibelo ntambama. 

Kuke kwasuka isixakaxaka amabhentshi alamaqembu ephendulana kabana ngesikhathi u-Andile Jali edlalise kabi uTeboho Mokoena.

“Angizange ngiyingene leyo,” kusho uSteve Komphela uma ebuzwa ngesixakaxaka esisuke emabhentshini alamaqembu. 

“Angizifaki ezintweni ezinjalo futhi angisoze. Uyazi mina noma ngabe ngiziwa kanjani – kungaba buhlungu noma kube njani…

“Ngisho emndenini wami, angiyena umuntu ozothi uma esephambi kwabantu kubonakale ukuthi lo unenkinga nomkakhe… 

“Kumele uqaphele ezimweni ezinjalo. Umufi uChris Hani wake washo into engalibaleki namanje ngokuziphatha komuntu. 

“Amazwi akhe akufundisa izinto eziningi… Njengokuthi kunezinto okumele uzigcine ngaphakathi kuwe noma ngabe zinameva kanjani. 

“Okumele ukwenze wukuthi noma ngabe ubhekene nosizi olunjani ukwazi ukuzibamba.

“Uma unjalo, noma ngabe kusuka muphi umsindo, ngeke uzithole usungene kuwo. 

“Mina uma kusuka umsindo, ngeke ungithole kuwo. Kodwa ngisuke ngiwuzwa. Uma ufuna ukungifaka kulelo sobho lakho khohlwa. 

“Mina angingeni, leli eliyimi ithambo linesobho lalo elingena kulo, hhayi leli lakho,” kuchaza lo mqeqeshi ephendula lo mbuzo olula.

Kwale noma esechazelwa uSteve Komphela ukuthi lo mbuzo ubuzwe ngoba bekunezinkulumo zokuthi abahoshelani kahle noMokwena. 

“Ngimxhawulile… Sixhawulene. Yibhola elikhokhelayo leli. Ziningi izinto ezenzekayo la. 

“Kukhona ezinye okumele ukuzigade kuzo. Njengokuthi nje kumele uxhawulane nozakwenu noma ngabe uhluliwe. 

“Uma umqeqeshi ohluliwe eya kowinile eyoxhawula, lo owinile kumele agade indlela asibamba ngayo isandla.

“Kumele akhombise ukujabula kakhulu ngoba lo ohluliwe imizwa yakhe isuke ikwelinye izinga. 

FUNDA NALA: Uchazwa abadlali bePirates ‘abajabulele ukudlala’ uRiveiro 

“Lokho yinto oyifunda ngokuhamba kweminyaka usebholeni. Uma ngiyoxhawula uzakwethu, ngikwenza ngesizotha lokho. 

“Uma ngingaya kuye ngijabule ngigcwele nokuchoma ngeke kuphele kahle…”