Ivuma isifundo esitholile i-Arrows ibhabhadiswa yiDowns
Sbongs Gumbi
Ukhethe ukubheka okuhle iqembu lakhe nabo njengabaqeqeshi abakucoshile beshaywa yiMamelodi Sundowns ngo 4-0 umqeqeshi weGolden Arrows uVusumuzi Vilakazi.
ISundowns ibuyele kwisihluku sayo esidala esinofakazi abaningi ngesikhathi izicanasela nje, yenza ekuthandayo kwi-Arrows ngoLwesibili kusihlwa.
Izinto zisheshe zabhimba kwi-Arrows njengoba uPeter Shalulile eshaye igoli lokuqala ngomzuzu ka-17.
Ulandelwe uLesiba Nku, ogcine eshaye amabili noGrant Kekana ekushayeni amagoli aqinisekise ukuthi iSundowns inqoba umdlalo wesithathu kwiDStv Premiership.
Kodwa noma behlazekile, uVilakazi uthi kukhona okuhle abakucoshile nabazoqhubekela nakho phambili.
“Akubanga umdlalo omuhle. Siwuqale kabi ngokuvumela iSundowns isheshe ishaye igoli,” kusho lo mqeqeshi ekupheleni komdlalo.
“Sibe sesigxila ekuzameni ukuvala emuva, kodwa sagcina sihluleka yikho saphinde asangqakwazi nokuhlasela.
“Kodwa ke yisifundo lesi engithemba sizosisiza ngokuqhubeka kwemidlalo ngoba sizokwazi ukuthi akumele sidedele amgoli imdlalo usaqala.”
Uzamile ke uVilakazi nozakwabo uMabhuti Khenyeza ukwenza izinguquko esiwombeni sesibili.
Uthi inhloso bekuwukuthi badlale kangcono ngoba babonile la bebedideka khona ngoba bebengasafuni ukungenelwa elinye igoli.
“Besinenkinga ngendlela ebesidlala ngayo esiwombeni sokuqala. Besifuna ukuzama into entsha,” usho kanje uma ebuzwa ngezinguquko.
“Ngibatshelile abadlali ngesikhathi sekhefu ukuthi akusekho okubi okudlula lokhu osekwenzekile esiwombeni sokuqala.
“Ngakho bengifuna bazame kangcono futhi kwenzekile lokho noma siphinde sadedela elinye igoli nje.”
UVilakazi uthi kukhona okuhle abakubonile kulo mdlalo abazokusebenzisa ngokuzayo ukuze babe yiqembu elingcono.
FUNDA NALA: Uvuma ukusinda kwensimbi kwiPremiership uBartlett
“Sizokwakhela kulokhu esikuzamile lapha namuhla, sizocosha okuhle sisebenzele phezu kwakho bese sibheka phambili.”