Ezakamuva

UJuju Mbuyane uncoma ukugxalwa kukaMbele kwiPirates

Alfred Ngubane

Ukuhamba kukaFloyd Mbele yisibusiso esikhulu esenzeke kwi-Orlando Pirates, ngokusho komunye wabadlali bakudala baleli qembu uThulasizwe “uJuju” Mbuyane. 

Nokho uthi lokhu akwenele uma ngabe engakahambi noStanley “Screamer” Tshabalala amsola ngokuyisengela ezibini. 

“Laba bantu bayimoshile i-Orlando Pirates. Bayiphuthisela ngezindebe eziningi kakhulu,” kusho uJuju Mbuyane. 

“Bebexabana nabadlali bese betshela abaqeqeshi ukuthi umdlali othile engadlaliswa.

“Bona uma ngabe udlala kahle uba yinkosi kubo, uhambe nabadlali abakhethekile eqenjini kodwa uke walimala, bakulahle. 

“I-Orlando Pirates yiqembu elikhulu futhi linabadlali abahle kakhulu, kumele inqobe izicoco noma nini.” 

UJuju ujatshuliswe wukuthi usihlalo wePirates, u-Irvin Khoza usegcine eyibonile inkinga la ikhona, qede wayilungisa ngokugabha uMbele ashenxise noTshabalala.  

“Ngibonga nosihlalo ukuthi ekugcineni useze wakubona obekukhinyabeza i-Orlando Pirates yonke le minyaka. 

“La madoda kudala edlala ngomsebenzi omuhle kasihlalo awenzele abadlali nabalandeli be-Orlando Pirates. 

“Kodwa ke kuqalile ukukhucululeka ngesizini edlule njengoba iqembu linqobe iMTN8 neNedbank Cup nje, lakwazi noukuqeda lisendaweni yesibili.

“Lokhu kube wumphumela wokukhuculula njengoba kumanje lidlala i(Caf) Champions League futhi lingase liyivikele neMTN8 ngendlela elidlala ngayo,” kusho uJuju Mbuyane. 

Lo mdlali wayengaconsi phansi kubalandeli bePirates futhi wagqama kakhulu ngomsebenzi omuhle ayewenza uma ibhekene neMamelodi Sundowns. 

Kwakungageji ukuthi angalishayi igoli elimqoka uma iPirates ibhekene neSundowns. Nomdanso wakhe ayewushaya ngemuva kwegoli waduma kakhulu. 

Kuvela ukuthi ukugaxwa kukaMbele, nokuqhekiswa kukaTshabalala eqenjini kwiBucs kwaba wumbono kaMpumi Khoza. 

FUNDA NALA: UNtseki umanqika ngokubuya kukaDolly noDove kwiChiefs

UMpumi yindodaba kaKhoza okuyiyo esishaya umthetho njengamanje eqenjini futhi okubukeka iza kahle kulo msebenzi.