EzakamuvaIbhola

UDolly nendlela abazothoba ngayo ulaka kubalandeli beChiefs

Uyizibe sengathi imali kamashonisa indaba yokuxoshwa kukaMolefi Ntseki uKeagan Dolly weKaizer Chiefs ngesikhathi ekhuluma ngomdlalo wabo olandelayo. 

IChiefs izoba nesiqalo esisha ngaphansi kukaCavin Johnson ngemuva kokuxoshwa kukaMolefi Ntseki ekuqaleni kwaleli viki.

UNtseki ubeqashwe ekuqaleni kwesizini. Nokho imiphumela bekungabakhwekazi kuye, okuyinto embangele amazinyo abushelelezi. 

Ekhuluma ngomdlalo wabo olandelayo la bezobhekana khona neGolden Arrows eMpumalanga Stadium, eHammarsdale ngoMgqibelo, uDolly akazange ayiphathe eyokuhamba kukaNtseki. 

Akushilo nje okungakhomba ukuphawula ngoNtseki wukuthi uthe kube yiviki elinzima leli eqenjini lilonke. 

Kodwa ke vele akekho ongamsola uDolly ngalokhu, kwazise akazange abe nesikhathi esanele noNtseki. 

Ubesanda kubuya ekulimaleni ngesikhathi uNtseki ekhonjwa indlela. UDolly uqale umdlalo okokuqala ngaphansi kukaNtseki ngempelasonto edlule beshaywa AmaZulu FC kwiCarling Knockout Cup. 

“Akubuzwa ukuthi siphoxekile ngomdlalo wethu odlule nokuhluleka ukudlulela phambili kwiCarling Knockout,” kusho uDolly. 

Ube esesheshe edlula kulokho njengoba bebheke isiqalo esisha manje ngaphansi kukaJohnson.

“Ngicabanga ukuthi lena yimpelasonto ebalulekile kithi le. Kumele sivuke sizithathe, silibale osekudlulile. 

“Uma singanqoba kule mpelasonto, kungajika izinto eziningi, bese sibuyela emgqigqweni wokunqoba. 

“Thina njengabadlali kumele umsebenzi wethu – okuwukunqoba imidlalo. Kumele sibuyise ukuzethemba. 

“Isizini iseyinde yingakho ngicabanga ukuthi le mpelasonto ibalulekile ngoba ukunqoba kungasibuyisela umfutho esizoqhubeka ngawo isizini yonke.” 

UDolly ukhiphe nomlayezo obheke kubalandeli beChiefs abasheshe bathunukale kulezi zinsuku njengoba uNtseki bemjijimeze kwaze kwakathathu ezinyangeni ezimbili. 

“Indlela esingabathoba ngayo ukuthi sinqobe. Sonke sikufuna ngampela manje ukubanqobela okuthile abalandlei bethu. 

FUNDA NALA: Unyaka wesishiyagalolunye… Akaziwa owabulala uSenzo Meyiwa!

“Futhi kumele lokho sikukhombise ngemiphumela enkundleni,” kucacisa lo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-30.