Utape izinyosi usehlokoloza iziqandi uMorgan Mammila
Sihle Ngubo
UMorgan Mammila oqeqesha iChippa United uthi iMamelodi Sundowns izozifica zigawulwe zabekwa eGqeberha ngempelasonto.
Usho lokhu ngemuva kokuthi ezakhe zibambane ne-Orlando Pirates ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership eNelson Mandela Bay Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
Lo mqeqeshi uthe bona abasinisi mahleza kulokhu futhi amaqembu azodlala nabo azozizwela.
“Angiqondile ukweya muntu kodwa bekumele sishaye amagoli amathathu kalula nje kulo mdlalo,” kusho uMorgan Mammila.
“Sekuyimidlalo emithathu manje sihluleka ukusebenzisa amathuba alula esiwakhayo.
“Asizile ukuzodlala kule sizini futhi uzobona ngokuhamba kwesikhathi ukuthi sizoba ngcono kakhulu. Abantu bangalinge bayithathe kancane iChippa.
“Iyeke iSundowns ize lapha asiyesabi. Ngeke sipake ibhasi futhi noma yiliphi iqembu lingeza.
“Uhla lwemidlalo lukhomba ukuthi sizodlala namaqembu amakhulu manje futhi sikulungele lokho.”
IChippa ivule imidlalo yeligi ngokubhekana neKaizer Chiefs emdlalweni ophele ngo 0-0 eMoses Mabhida Stadium.
NgoLwesibili ibilandela ngemuva ngo 1-0 ngemuva kokuthi uBandile Shandu eshaye igoli leBucs ngomzuzu ka-24.
Elokulinganisa leChilli Boys lize noGoodman Mosele ngomzuzu ka-65. Lo mdlali ubegijima kwiPirates ngesizini edlule futhi ubolekisiwe kwiChippa.
Mayelana noMosele uMorgan Mammila uthe: “Uhlale ecuthile ngasemapalini elinde ibhola.
“Asinabo nhlobo abagadli ngakho yinto enhle leyo. Abagadli bami ababili balimele.”
FUNDA NALA: Ivuma isifundo esitholile i-Arrows ibhabhadiswa yiDowns
ISundowns ayifuna esitikini lo mqeqeshi weChilli Boys ivuthele iLamontville Golden Arrows ngo 4-0 komunye umdlalo weDStv Premiership ngoLwesibili.