Uvuma ukusinda kwensimbi kwiPremiership uBartlett
Alfred Ngubane
Umqeqeshi weCape Town Spurs, uShaun Bartlett uvuma ukusinda kwensimbi kwiDStv Premiership njengoba leli qembu lakhe liqale ngebatha kule ligi.
I-Urban Warriors, isahlulwe kuyo yomibili imidlalo eyidlalile kusukela ibuyile kulesi sigaba sebhola elikhokhelayo.
UBartlett, okunguye onyusele leli qembu kwiPremiership lisuka kwiMotsepe Foundation Championship, ubona ikhefu abalithole ngempelasonto edlule lisizile.
“Leli khefu leMTN8 lisisizile njengoba silungisa amaphutha engiwabonile kule midlalo emibili,” kusho lo mqeqeshi engxoxweni abe nayo neMpempe.
“Abadlali bethu abakahlangani kahle kanti nokuthi abakajwayeli ukudlala kwiPremiership kuyabonakala…
“Abanye bake badlala kulesi sigaba phambilini kodwa iningi labo abakaze bedlale kuleli zinga.
“Ngicabanga ukuthi basadinga imdlalo embalwa ukuthi bahlangane,” kuchaza lo mqeqeshi osengomunye wababhekwe ngeso lokhozi njengoba kusinda kwehlela nje.
UBartlett ungomunye wabaqeqeshi abasebancane kodwa abanamava ikakhulukazi ekukhuphuleni amaqembu esuka kwiChampionship eya phezulu.
Nguye owayeqeqesha iGolden Arrows ngokubambisa noBheka Phakathi ongasekho emhlabeni ngesikhathi ibuyela kulesi sigaba.
Ukuphindile ke lokho neSpurs ayinqobise emidlalweni yokuhlunga la beshiye khona iMaritzburg United incela isithupha.
UBartlett uthe unethemba lokuthi bazokwazi ukuthola amaphuzu abo okuqala uma sebebhekene nePolokwane City.
FUNDA NALA: UNurkovic uhalalisele isithandwa sakhe esingunobuhle sihlulwa kuMiss SA
Lamaqembu, abuya kwiChampionship, azogadulisana ePeter Mokaba Stadium ngoLwesihlanu ngo-3 ntambama.