EzakamuvaIbhola

IKaizer Chiefs isimhlabe ngesithende uBimenyimana

Alfred Ngubane

UCaleb Bimenyimana usengayodlala kunoma yiliphi iqembu alithandayo njengoba iKaizer Chiefs seyivele yamhlaba ngesithende, yathi seyibongile. 

Uchithwa nje lo mgadli odabuka eBurundi ubesahlale isizini eyodwa kuleli qembu laseNaturena. 

UBimenyimana ufike wathembisa ukuthi lukhulu afiak nalo ngesizini edlule kodwa kwahamba isikhathi kwavela ukuthi ngathi ayikho indaba. 

Wazakhela igama futhi wazifaka emabhukwini omlando mhla eshaya amagoli amathathu iChiefs ibhekene neStellenbosch FC. 

Okwakuhlukile ngalamagoli wukuthi wonke wayewashaye kade ebekelwe iphenathi nokuyinto engavamile ukwenzeka. 

Kodwa ngokuhamba kwesikhathi ugcine engasadlali nhlobo njengoba sekuphethe  ngokuthi akhonjwe indlela nje. 

Kodwa ke nguye oqede isizini enamagoli amaningi kwiChiefs njengoba eyibhakuzise amahlandla ayisishiyagalombili nje inethi. 

UCaleb Bimenyimana ubengakadlali kusukela kuthathe umqeqeshi omusha Molefi Ntseki kwiChiefs. 

Kuzokhumbuleka ke nokuthi sake sabika ukuthi obengumqeqeshi ngesizini edlule, u-Arthur Zwane kuthiwa wake wamhlambalaza phansi kwabanye abadlali lo mgadli. 

Kuthiwa wamtshela phambi kozakwabo ukuthi ngeke abuye uma sekuzoqalwa isizini entsha ngoba akasamdingi yena eqenjini lakhe. 

“IKaizer Chiefs isivumelene nomgadli uBonfils-Caleb Bimenyimana ukuthi kwehlukanwe ngezindlela,” isho kanje iChiefs esitatimendeni. 

“Udlale imidlalo engu-21 (engu-17 eyiqala, emine engena umdlalo sewuphakathi) futhi ushaye amagoli ayisishiyagalombili. 

“Usezokhululeka ukuthi ajoyine noma yiliphi iqembu.” Kuke kwabikwa nokuthi bekuneqembu laseMorocco elimfunayo. 

FUNDA NALA: IDowns idedele uKutumela, ibuyela emakethe iyofuna umgadli

Kodwa ngathi nalo aligculisekanga ngemuva kokuthi eke wathi qu kulo liyomhlola njengoba neKaizer Chiefs seyinqume ukumchitha nje.