CAF Champions LeagueEzakamuva

Akuhambanga kahle kwezikaPercy Tau kwiChamps League

Ukuhluleka wukushaya igoli ekuhambeni kwe-Al Ahly sekuyifakele ingcindezi uma sekuyiwa emlenzeni wesibili ekhaya. 

I-Al Ahly beyibhekene neTP Mazembe eStade TP Mazembe, eKinshasa ngoMgqobelo emini. Umdlalo uphele zibambene ngo 0-0. 

Umdlalo awuzange ufike ezingeni ebelilindelekile njengoba amathuba ebengamaningi kulo mdlalo futhi umphumela uvuna iqembu lasekhaya.

Lokhu kungenxa yokuthi iCaf isasebenzisa umgomo wegoli lasekuhambeni ukuthi libalwa kabili. 

IMazembe sekuzomele ilwele ukulithola kuqala igoli ekuhambeni eCairo International Stadium ngoLwesihlanu ebusuku. 

Ukulithola kuqala igoli kuzofaka i-Al Ahly kwenkulu ingcindezi ngoba kuyobe sekusho ukuthi kumele ishaye amabili yona. 

Uma umdlalo uphela zibambene, kunamagoli, kuyobe sekudlula iMazembe iya kowamanqamu. 

Omunye umdlalo owandulela owamanqamu kwiChampions League uphakathi kwe-Esperance yaseTunisia neMamelodi Sundowns yaseNingizimu Afrika. 

ISundowns iyona eqale ekuhambeni, okwenza kumele iqiniseke ukuthi ibuya negoli ukuze izibeke ethubeni elingcono ekhaya. 

Ibhekwe ngabomvu ekutheni inqobe le ndebe njengoba kuyiyo eshodayo emgodleni wayo njengoba izenzela kwezinye.