EzakamuvaIbhola

IDowns idedele uKutumela, ibuyela emakethe iyofuna umgadli

Njabulo Shezi

Uma kuwukuthi abagadli abalimele kwiMamelodi Sundowns njengamanje abalulami ngokushesha, leli qembu lithi lizongena emakethe. 

Lokhu kuvezwe wumqeqeshi waleli qembu uRulani Mokwena ngoLwesibili ngemuva kokubhubhisa kwabo iGolden Arrows ngo 4-0. 

UPeter Shalulile uphume esexhuga kulo mdlalo futhi bekubonakala sengathi udonseke umsipha wethanga. 

Nomdlali osanda kufika futhi owashaya ngathi uyabukisa amagoli, uLucas Ribeiro akadlalanga kowe-Arrows. 

UMokwena uthe odokotela beqembu bameluleke ukuthi amphumuze kancane ngoba kukhona athinteke khona bedlala neMoroka Swallows ngempelasonto. 

“Odabeni lwabagadli, uma kungasheshe kubuye uThapelo (Morena), kubuye no(Abubeker Nasir… 

“Ngicabanga ukuthi singaba sesimweni esingcono kakhulu,” usho kanje uMokwena ngemuva  komdlalo. 

“Kodwa ke vele sizobona ukuthi isimo sithi asibuyele emakethe noma cha. Lowo ke wumsebenzi womqondisi wezemidlalo nabaphathi. 

“Bayazi ukuthi ngime kuthi ngokwemizwa yami ngeqembu enginalo futhi leyo ngizoyivala khona lapho.”

Okuxakayo nokho wukuthi leli qembu licabanga ukubuyela emakethe nje lidedele umgadli uThabiso Kutumela ukuthi ayodlala kwiCape Town City

Lo mgadli ubolekisiwe. UMokwena ube esesiveza isizathu esenze babolekise ngoKutumela.

“UKutu uzicelele ukuba abolekiswe. Sibe sesivumelana neCape Town City,” kuchaza lo mqeqeshi.

“Ngifisa ukumbonga nje ngokusemthethweni ngamandla abewaboleke iqembu, bese ngimfisela okuhle lapho eya khona.”

FUNDA NALA: UNdlanya uxwayisa izitobha ngobunzima ezizobuthweswa abagadli beChiefs

ISundowns, eqhubeka la igcine khona ngesizini edlule ngokugqilaza, izobhekana neChippa United eGqeberha ngempelasonto.

Imisila ibheke phezulu ke kwiChippa Kulandela ukubamba kwayo i-Orlando Pirates ngo 1-1 ngoLwesibili kusihlwa.