EzakamuvaIbhola

Ezishaqisayo ngesifo esihlasele uLyle Foster weBurnely 

Umdlali waseNingizimu Afrika ogijima kwiBurnely yase-England, uLyle Foster, sekuvele ukuthi kunesimo sokugula esimhluphayo.

Ngokwesitatimende esikhishwe yiBurnely ngokubambisana nomndeni wakhe, uLyle Foster uhlushwa yisimo sokuphazamiseka komqondo (mental illness) ngesinye isikhathi.

“Kungekudala uLyle Foster usazise ukuthi uphila nesimo sokuphazamiseka komqondo, futhi usebhukulile wazama ukuthola usizo,” kusho isitatimende.

“Njengamanje ungaphansi kongoti abamnika ukwesekwa nokunakekelwa akudingayo – ukumsiza abuyele esimeni sakhe sempilo esijwayelekile.

“Ngothando nokwesekwa akuthola emndenini wakhe, nakuwo wonke umuntu kwiBurnely, sizomnika konke akudingayo ukuqinisekisa ukuthi uba ncono.

“Sinxusa ukuthi niqonde isimo niphinde nihloniphe okwenzeka ngasese kuLyle. 

“Akukho okunye ukuphawula noma isitatimende esizosenza kuze kube nesidingo sokukwenza lokho.”

ULyle Foster uyiqale kahle isizini neBurnely njengoba esevele eshaye amagoli amabili kwi-English Premier League. 

Ukhona esikwatini seBafana Bafana esizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

IBafana izobhekana neBenin emdlalweni wayo wokuqala eMoses Mabhida Stadium, ngoNovemba 18. 

FUNDA NALA: UDolly ubona ukunqoba idabhi kungajika izinto kwiChiefs

Akwaziwa noma uzobe ekhona yini uLyle Foster njengoba sekubikwa lezi zindaba ezingezinhle ngaye nje.