EzakamuvaIbhola

UMorgan Mammila usiza insizwa ecele ukushadwa koweChippa

Njabulo Shezi

Umqeqeshi weChippa United, uMorgan Mammila akagcini ngokwenza izinto ezinhle enkundleni nje kuphela. 

Manje usesiza nabalandeli. UMorgan Mammila uchazekile ngensizwa ebonakale emdlalweni wezakhe ne-Orlando Pirates icela intombi yayo umshado. 

Le nsizwa, ogama layo uSphelo Dom ibiphakamisa ibhodi elibhalwe ngesiNgisi ukuthi “Unathi Gwente will you marry me?”. 

Lokhu kushiwo yinsizwa uma ifuna ukushada intokazi ezwana nayo. Isithombe sale nsizwa besigcwele ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu. 

UMorgan Mammila ube esengena kwiTwitter ecela ukufuniswa le nsizwa ukuze ayilekelele esifisweni sayo sokushadelwa ngu-Unathi. 

“Ngiyaziqhenya ngeqembu lami ngoba lenza abantu bajabule baze babone sekufanele bathole abafazi. 

“Vela Unathi vela. Sifuna ukwakha imindeni enenjabulo ngokudlala ibhola elihle. Phakama EC (Eastern Cape). 

“Siyakudinga lokhu ezinkundleni zethue e-EC. Ngicela ozongisiza ngixhumane nale nsizwa,” ubhale kanje lo mqeqeshi.

Ulutholile ke usizo wagcian ekwazile ukuxhumana naye uDom no-Unathi futhi impendulo izobonwa yizwe lonke. 

“U-Unathi uzophenduka kuSphelo Dom ngoMgqibelo ka-20 Agasti ngo-8 eNelson Mandela Stadium,” kusho uMammila.

IChippa izobe ibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiership kule nkundla ngaleso sikhathi. 

Umdlalo okulindeleke ushube ngoba uMorgan Mammila sekuvezile ukuthi akayesabi nhlobo iSundowns. 

Akukhona ke okokuqala umlandeli ephatha ibhodi elifana naleli. Nasemidlalweni yaseMoses Mabhida kunomlandeli ohlezi ephethe ibhodi eliveza uthando enalo ngoMaZungu walo.

FUNDA NALA: Isimanga umqeqeshi ephika igoli elimwinisile koweSekhukune neSwallows

NakwiComrades Marathon yangonyaka odlule kunensizwa esikhulile eyacela umshado entombini yayo yagcian isiziwe ukuthi bahlangane.