EzakamuvaIbhola

IChiefs ichitha umbiko othi ichayiswe uMosimane

Isiphumele obala iKaizer Chiefs, yaphikisa umbiko oshicilelwe ngomunye umthombo wezindaba zemidlalo ngoLwesihlanu.

Leli qembu laseNaturena likhiphe isitatimende elisishicilele ezinkundleni zokuxhumana lichitha umbiko oshicilelwe yiSoccer Laduma.

Lo mthombo wezindaba osuneminyaka waba khona, ubike ukuthi uPitso Mosimane ulichithile leli qembu kade lithi lizama ukumdonsela eNaturena.

Omunye wabaqondisi kwiChiefs, uKaizer Motaung Junior nguye oqale ukuphikisa lolu daba ephendula iSoccer Laduma kwi-X.

Uyisole ngokubika into engekho ngamabomu ngenhloso yokuxova izinto eqenjini labo.

“Nibika budedengu ngento engekho futhi nihlanganisa ulwazi olungekho ngamabomu,” uphenudle kanje uMotaung Jr.

Abalandeli beChiefs babe sebentinyela yena, bethi akavele amlande uPisto azoqeqesha iqembu ukuze abakhombise ukuthi ngamanga ngampela lawa abikiwe. 

IChiefs nayo ikhiphe isitatimende ichitha lo mbiko, ithi ngamampunge nje futhi ofuna ulwazi oluqondile akalinde yona. 

“Isexwayiso ngezindaba ezingamampunge: Mndeni waMakhosi, udaba olushicilelwe yiSoccer Laduma namhlanje olunesihloko esithi: ‘UPitso uthe cha kwiChiefs’ NGAMAMPUNGE.

“Iqembu lizonazisa ngezindaba eziyiqiniso eziphuma e-Kaizer Chiefs Village.