OweBafana ubona uMbokazi weBucs ekhohliswe owesifazane ngeMLS
SIHLE NGUBO
Akayizwa indaba yokuyodlala kukaMbekezeli Mbokazi we-Orlando Pirates, kwiMLS yase-USA, umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.
UMbokazi kusanda kuvela ukuthi usesayine kwiChicago Fire yase-USA, okulindeleke ukuthi ayijoyine ngemuva kwemidlalo ye-Africa Cup of Nations (AFCON) eseMorocco, kusuka ngoDisemba 21 kuze kube uJanuwari.
Imibiko engaqinisekisiwe ithi iPirates ithole u-R50 million ngokudayisela iChicago Fire lo mdlali wasemuva waseHluhluwe.
Bakhona abashaya amakhala ngokuya kwalo mdlali kwiMLS, abakholwa ukuthi ufanelwe ukuyodlala e-Europe ngenxa yekhono lakhe.
UBroos, odabuka eBelgium, naye akayizwa kahle ekaMbokazi nokuya kwiMLS, okuyiligi engazelwa lutho olutheni emhlabeni.
Kunenkolelo yokuthi abadlali abaningi basuka kwamanye amaligi baye kwiMLS, ngoba sebeyogugela kuyona, sebenza imali wokugcina.
“Angicabangi ukuthi isinyathelo esihle kuyena,” kusho uBroos owaziwayo ukuthi akalokhu ebhala ecisha uma ebuzwe into.
“Kodwa ngiyazi ukuthi kwenzekani. Owesifazane oyi-agent yakhe nocabanga ukuthi wazi ibhola, wenza le nto eyenziwa ama-agent amaningi, ucabanga ukuthi ‘ngizothola malini.’
“Uma ehlakaniphe kangcono uyazi ukuthi kune-AFCON neNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo, ngakho kunamanye amaqembu, angcono namfanele yena angaya kuwona, hhayi iChicago.
“Uzofika enzeni laphaya yedwa edolobheni elikhulu njengaleliya. Ngakho cha, angicabangi ukuthi ukhethe kahle.”
UBradley Carnell, owayedlalela iKaizer Chiefs, ubona ngendlela ehlukile kunoBroos, mayelana nokuya kukaMbokazi e-USA.
Lo mqeqeshi, okuyimanje ucija iPhiladelphia Union edlala kwiMLS, ukholwa ukuthi uMbokazi uzofike akhule e-USA, aphinde abonwe amaqembu amanye amaligi.
“Umbono wokuthi iMLS yindawo yokugugela yinto endala kakhulu,” kusho uCarnell owayedlalela iBafana Bafana.
“Abadlali abafana noMiguel Almirón, uTyler Adams, u-Alphonso Davies, uChristian Pulisic, bonke bakhuliswe lapha futhi benza kahle e-Europe.
“Ngakho uma uMbokazi ebengabuza mina ukuthi ayijoyine yini iChicago, bengizothi yebo.
“Yiqembu eliqondile elinabaqeqeshi abahle, ibhajethi enkulu nezinsiza ezinhle kakhulu.”

