EzakamuvaIbhola

Isimanga umqeqeshi ephika igoli elimwinisile koweSekhukune neSwallows

Sbongs Gumbi

Kuqopheke umlando ebholeni laseNingizimu Afrika ngoLwesithathu kusihlwa emdlalweni weSekhukune United neMoroka Swallows. 

Cishe bekungokokuqala ngqa, ikakhulukazi kuleli, umqeqeshi enganami ngegoli elisize iqembu lakhe liqoqe amaphuzu aphelele. 

Lokhu kwenzeke emdlalweni la iSwallows ishaye khona iSekhukhune ngo 1-0 ePeter Mokaba Stadium. 

Bekubukeka umdlalo uzophela zibambene ngo 1-1 ngesikhathi iSwallows ithola igoli lesibili negcine iwine ngalo lo mdlalo. 

Okwenzekile wukuthi unozinti weSekhukhune ubeselibambile ibhola eleligotshwe kwesokudla ngesikhathi uGabadinho Mhango emdudula. 

Umdudule waze wangena naye ngaphakathi, eqa ulayini. Kodwa unompempe akabonanga phutha kulokho, walikhomba emlotheni. 

Kucasuke ngisho abeSwallows ngalesi sinqumo, bekhalaza. UMusa Nyatama, oyiphili lomqeqeshi kwiSwallows, uze wagcina ethola ikhadi elibomvu ngoba ephikisa lesi sinqumo yize besivuna bona.

Nomqeqeshi uSteve Komphela uveze ukuzwelana neSekhukune ngalokhu okwenzekile ngoab naye ubone kungelona igoli. 

“Kuyamangaza. Kodw ake ngicabanga ukuthi iyona ngcindezi yeDStv Premiership le,” kusho uKomphela ngemuva komdlalo. 

“Kodwa mhlawumbe kuhle kubantu ababukele okungabathinti ngqo lokhu. Kithina yinto ekwenza ucishe nethelevishini ungafuni ukuyibuka. 

“Ngiyamzwela uBrandon (Truter, umqeqeshi weSekhukhune). Akekho ofanelwe ukuhlulwa ngale ndlela. 

FUNDA NALA: U-Ellis uchaza eyokuziba u-Andile kwiBanyana eNdebeni yoMhlaba

“Kodwa ke kwesinye isikhathii uyazakhela inhlanhla efana nale (ngendlela odlala ngayo),” kuchaza uKomphela.