EzakamuvaIbhola

Babeziphuphela nje ababethi basayine uRanga Chivaviro

Njabulo Shezi

Usihlalo weMarumo Gallants, u-Abram Sello useveze ukuthi akukho akufihla ngesikhathi edayisela iKaizer Chiefs uRanga Chivaviro. 

Kuke kwaba sengathi kuzosuka umsindo ngalo mgadli, kunemibiko yokuthi usayine nelinye iqembu, kanti iGallants yona yamdayisela elinye. 

IRichards Bay yaphumela obala yathi lo mgadli – obeyinyama emaqenjini amaningi – ngowayo njengoba yayimsayine ngenkontileka yesethembiso ngoJanuwari. 

Kwaphinde kwavela ukuthi iGallants imdayisele i-Orlando Pirates ehambisana noKatlego Otladisa kodwa yabuye yajika, yabe seyimdayisela iChiefs. 

Kodwa noma ngabe kwakwenzekeni, indaba kaRanga Chivaviro igcine ilungisekile njengoba esedlala kwiChiefs. 

USello, obekhuluma nabezindaba ngesikhathi leli qembu lethula izinhlelo zalo zesizini ezayo kwiMotsepe Foundation Championship, uthe yena wakhuluma neqembu elilodwa.

“URanga Chivaviro ubengumdlali wethu,” sisho kanje lesi sikhulu ngoLwesine ntambama. 

“Ubenenkontileka yonyaka owodwa enombandela ongaguquleki futhi uma efuna ukuhamba bekumele azocela kithi.

“Siyakubona nje lokhu obekukhulunywa (kwabezindaba) yena ubengumdlali wethu futhi abebemfuna bekumele bazoxoxa nathi. 

“Abafika kithi yiChiefs. Salandela yonke imigudu efanele yokuthengiselana, yonke into yahamba kahle.”

USello uthe ngeke aphendulele abanye abantu ngabakusho ngoRanga Chivaviro njengoba kukhona ababethi ngowabo.

“Okungale kwalokho ngeke ngikhulume ngakho ngoba angikwazi futhi angifuni ukukhulumela abanye abantu.

“Ngeke ngiveze amaphutha noma izinhloso zabanye abantu engingazazi nakahle. 

“Kodwa nje ukudayiselana kwethu neChiefs kwahamba kahle futhi manje usedlala kuyo futhi thina simjabulele kakhulu ngalokho.”

FUNDA NALA: Usefunwa elaseSaudi Arabia uPercy Tau, uDowns ayikhohlwe

IGallants imemezele ukuthi izoyidlalela eDkt Molemela Stadium, eBloemfontein imidlalo yayo yasekhaya kule sizini ezoqala.

Iphinde yethula noPitso Dladla, obeqeqesha iRichards Bay phambilini, njengomqeqeshi wayo omusha.