UMelusi Buthelezi uzolidla balizwe ngendaba ijezi kwiPirates
Sbongs Gumbi
Uma nje eke walithola kanye nje ijezi uMelusi Buthelezi kwi-Orlando Pirates, komele bavele bakhohlwe yilo abanye onozinti kuleli qembu.
Lo nozinti odabuka eNquthu, KwaZulu-Natal usayinwe yiPirates ngoJulayi esuka kwiTS Galaxy. Ukhona nakwiBafana Bafana.
Nokho ufice umbango wejezi ushubile konozinti kwiPirates njengoba noRichard Ofori eseluleme futhi ekulungele ukudlala.
Ufice kukhonya uSipho Chaine osayinwe maphakathi nesizini edlule futhi owenza kahle kakhulu selokhu afika.
Kodwa ke, njengabo bonke onozinti, uChaine ubuye abe namaphushana enza abalandeli bengamthembi.
UMelusi Buthelezi uthi yena akasabi ukukusho kugcwale umlomo ukuthi wangena nje esikimini sikaJose Riveiro, uyokhishwa ngemigxala.
“Uma nje ngike ngalithola ithuba lami, ngeke kube lula ukuthi bangikhiphe epalini,” ucashunwe esho kanje kwabeSowetan.
“Kwenzeka okufanayo nakwiTS Galaxy. Into eyayize yenze bathole ithuba abanye (onozinti) wukuthi ngilimale.
“Ukukhuluma iqiniso nje, ngingumuntu ozethembayo futhi angilona neze igwala,” kuqhuba uButhelezi.
Ukukhuluma ngale ndlela kuzokwenza amehlo athi njo kuye mhla waqaliswa umdlalo futhi nendlela ayodlala ngayo iyocutshungulisiswa.
“Angiyesabi ingcindezi. Ngiyazi ukuthi ukudlala eqenini elikhulu njengePirates kuza nengcindezi eningi esuka kubalandeli abahlezi bebheke wenze izimanga.
“Kodwa lokho akungethusi mina. Into engingayisho nje wukuthi ngiyabonga ukuthi sengigcine ngifikile lana (kwiPirates).
“Ngiyazi lizofika elami ithuba. Okwamanje uSipho uyena odlalayo futhi wenza kahle kakhulu.
“Ngingasho nje ngingesabi ukuthi ngiyafunda kuye nakuSiyabonga (Mpontshane) no-Ofori,” kuchaza uMelusi Buthelezi.
Bekunguye obesebhentshini ngesikhathi iPirates ibambana neChippa United ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership phakathi neviki.
FUNDA NALA: Babeziphuphela nje ababethi basayine uRanga Chivaviro
Kulo mdlalo uChaine udliwe yigoli elishiye abanye babalandeli bengenelisekile futhi bakuveza ukuthi akubuyiselwe u-Ofori epalini, noma kunikwe uButhelezi ithuba.
IPirates isekuhambeni eComoros la iyoqala khona umkhankaso wayo weCaf Champions League neDjabal Club ngoMgqibelo ntambama.