Ichithiwe eFNB Stadium iSundowns, isithole enye inkundla
Kuvela ukuthi sichithiwe isicelo seMamelodi Sundowns sokusebenzisa i-FNB Stadium ngempelasonto.
Ompetha beligi bazodlala neTP Mazembe emdlalweni weCaf Champions League ngoMgqibelo.
Bekuke kwavela ukuthi iSundowns ingase idlale ngo-3 ngoMgqibelo, bese iKaizer Chiefs yona idlale ngo-5.45 enkundleni efanayo (iFNB Stadium).
Nokho konke lokho yinto engeke yenzeke njengoba isicelo saBafana Ba’Style sokuyodlalela eFNB Stadium, sikhahlelwe ngazo zombili.
Inkundla yasekhaya esetshenziswa yiSundowns, iLoftus Stadium, ngeke ikwazi ukudlalela kuyona neTP Mazembe, ngoba iBlue Bulls izobe ibhekene neStormers kuyona.
I-FNB Stadium, ebhalisiwe njengenye yezinkundla engadlalela kuzona iSundowns, ike yayisebenzisa kumasizini edlule, ibhekene ne-Al Ahly nePedro de Luanda.
Okwenze ukuthi ichithwe iSundowns eFNB Stadium, ukuthi iChiefs izodlala imidlalo emithathu kuyona ezinsukwini eziyisikhombisa.
NgoMgqibelo iChiefs izobhekana neMOroka Swallows, bese kuthi ngoMashi 5 itholane phezulu neLamontville Golden Arrows.
Umdlalo olindwe kakhulu yilowo ophakathi kwe-Orlando Pirates neChiefs ngoMashi 9.
Kuyaziwa ke ukuthi umdlalo phakathi kwala maqembu amakhulu eNingizimu Afrika uhlale udlalelwa eFNB Stadium, hhayi enye inkundla.
Kuyacaca ukuthi ukungavunyelwa kweSundowns ukuthi iyoncika eFNB Stadium, yingoba ivele inemidlalo eminingi ezoyisingatha, kumbandakanya nomkhulu womkhaya.
FUNDA NALA: Inkakha ithi iChiefs ayinamqeqeshi kuCavin Johnson
Ngokwe-website yeSundowns umdlalo wayo neTP Mazembe uzokuba seLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.