Ezakamuva

USinky Mnisi ubhoboka ngesiqalekiso asishiya kwiRoyal AM

Alfred Ngubane

USinky “Twalaza” Mnisi uthi washiya kwiRoyal AM ngoba kuthiwa uyayibulala, kodwa manje kuyadabukisa ukuthi leli qembu libangwa nezibi. 

Lo makadebona webhola lakuleli, ubeyisikhulu esiphezulu kwiRoyal AM iminyaka embili kodwa wagcina eshiyile ngasekuqaleni kwesizini edlule. 

Lokhu kwakulandela ukungezwani obekukhona phakathi kwakhe nabanikazi beqembu uShauwn Mkhize nendodana yakhe u-Andile Mpisane. 

Kwavela ukuthi ubesenokuthatha izinqumo ezinqala ngeqembu engabazisanga okukhona kuzo nokuxosha uJohn Maduka owayengumqeqeshi. 

Ekuhambeni kwakhe, abaqeqeshi ayebaqashile bakhonjwa indlela kwabuyiswa uMaduka okunguye ongumqeqeshi namanje. 

Kodwa ke uMnisi uthi izinto ngabe azibhimbi kanje kwiRoyal AM ukube kusanguye ophethe.

“Imisebenzi yomuntu iyamulandela… Ngeke udlale ngamandla omunye umuntu,” usho kanje ekhuluma neMpempe ngoMsombuluko. 

“Yimina engalifaka okukuqala kwiCaf Champions League iqembu. Lokho sakwenza sibambisene kahle nomqeqeshi uJohn Maduka.”

IRoyal AM beyingelinye lamaqembu abengasemsileni isizini yonke edlule. Namanje isenkingeni njengoba ingavumelekile ukusayina abadlali nje. 

Yize engalibekanga ngembaba elokuthi kukhona akakwenza, kodwa uMnisi uthe akwenza wukubuyela ekhaya ayophahla amadlozi akubo, nakhuluma nanoMdali.  

“Kuzomele abantu bazinuke bona amakhwapha. Mina nginolwazi olunzulu ngebhola lakuleli. 

“Futhi ngoba ngithembele emadlozini akithi noMdali bangisiza futhi basazongisiza. Ngisazokwenza umsebenzi omkhulu kakhulu kunalona. 

“Ngaphoxeka ngoba angisebenzanga eqenjini ngesikhathi lidlala kwiChampions League, ngasuswa mina eqenjini. 

“Ngabe iqembu ladlala ibhola elisezingeni eliphezulu. Ngabe lahamba ibanga elide kulo mqhudelwano kodwa baqoma ukungigudluza. 

“Ngabe sengibuyela ekhaya kithi koMnisi… Kodwa nami angazi kwenzakalani lapho.

“Uyabona abantu abayeke ukutatazela neziphiwo zabantu uma ungummeli, awuhlale ebummelini uyeke ukulokhu utatazela ngoba ngelinye ilanga uyovela obala. 

“Uma ungumphathi musa ukutatazela, hlala lapho ukhona ngoba uyobhidliza into enhle ngokugxambukela kongakwazi,” kuchaza uMnisi.

FUNDA NALA: Bathola amakhaya amasha abachithwe yiPirates

Lesi sikhulu sesibuyile ebhleni njengoba sisanda kuqashwa yiMarumo Gallants asethembise ukuthi nayo uzoyisiza ibuyele kwiDStv Premiership.