EzakamuvaIbhola

UZwane uvuselele iThemba kwiBafana Bafana

Themba “Mshishi” Zwane weBafana Bafana uthi bangene enkundleni bazi kahle ukuthi yini obekumele bayenze ngesikhathi bebhekene neNamibia.

IBafana Bafana ikhumbuze abalandeli izikhathi zakudala ngesikhathi ibhaxabula iBrave Warriors yaseNamibia ngo 4-0 emdlalweni we-Africa Cup of Nations (Afcon) eStade Amadou Gon Coulibaly, ngeSonto ebusuku.

Ngo-1998 uBenni McCarthy wazethula ngendlela engasoze ilibaleke kwi-Afcon, eshaya amagoli amane iBafana ibhekene nayo iNamibia. Umdlalo waphela ngo 4-1.

Ngemuva kweminyaka engu-13 iBafana Bafana ibuye yagugisa iNamibia emdlalweni lapho beyidinga khona amagoli amaningi nokubuyise ithemba lokudlulela kwiLast 16 ye-Afcon.

“Besidinga amaphuzu amathathu (nakanjani). Besazi kahle ukuthi kumele siphushe nokuyinto esiyenzile,” kusho uThemba Zwane kafushane ngemuva komdlalo.

Lo mdlali weSundowns ushaye amagoli amabili kulo mdlalo, wagcina eqokwe njengoMdlali oVelele.

Igoli lokuqala leBafana Bafana lingene ngomzuzu ka-13 nokube yiphenathi eshaywe uPercy Tau. 

Lo mdlali we-Al Ahly ukhombise esikhulu isibindi ethatha iphenathi kulandela ukuyigeja iNingizimu Afrika ibhekene neMali. Lowo mdlalo ugcine uphele ngo 2-0.

Zibuyile futhi ezikaHugo Broos zashaya igoli lesibili ngomzuzu ka-25, kanti lize noThemba Zwane. 

Akumangaza ngesikhathi uThemba Zwane eshaya igoli lesithathu leBafana ngomzuzu ka-40, kwacaca ukuthi iNamibia idliwa luhlaza sekungu 3-0.

INamabia iwatholile amathuba ayo amahle ngesiwombe sokuqala kodwa yangawasebenzisa.

Ngesiwombe sesibili iBafana Bafana iqale ingatatazeli ngoba vele yiNamibia obekumele ize kuyona. Nokho ibilokhu iyiphebeza emuva.

Kuvele kwamnyama kakhulu kuPeter Shalulile nezakhe ngesikhathi uThapelo Maseko eshaya igoli lesine ngomzuzu ka-75. 

UMaseko ungene endaweni kaSphephelo Sithole obe nomdlalo omuhle kakhulu.

IBafana ibe yiqembu lokuqala ukuhlohla amagoli amane emdlalweni owodwa selokhu kuqale i-Afcon ka-2023 e-Ivory Coast. 

Okuqaphelekile ngomqeqeshi uHugo Broos ukuthi wenze ushintsho emuva wafaka uGrant Kekana endaweni kaSiyanda Xulu, owenze amaphutha iBafana ibhekene neMali.

UBroos uthe: “Besidinga ukuwina umdlalo. Besibukeka sesaba ekuqaleni kodwa sathola igoli lokuqala, sehlisa umoya.

“Sibhekene nabanye abantu abanzima (ngoLwesithathu). Kumele nakanjani siwuwine lo mdlalo ukuze sihlale e-Ivory Coast.”

Emdlalweni wokugcina kuGroup E iNingizimu Afrika izobhekana neTunisia okuyilona iqembu elingakawini kuleli qoqo. 

INamibia izovala eyamaqoqo neMali ngawo oLwesithathu ngo-7 ebusuku. Imidlalo yokugcina izodlala ngesikhathi esifanayo.