Bathola amakhaya amasha abachithwe yiPirates
Njabulo Shezi
Ziyabalungela izinto abadlali ababili abazithole bephelelwe umhlaba kwi-Orlando Pirates njengoba sebethole amaqembu amasha.
Kodwa abanye akukacaci ngabo njengoba besengomantuntanendishi nje namanje, beswele amanxiwa.
Kuvela ukuthi uTebogo Thlolane, obebolekiswe kwiMaritzburg United ngesizini edlule, uzosayina kwiGolden Arrows maduze nje.
Lo mdlali, owathuthukiswa uJomo Sono, kuze kwaphela inkontileka kwiPirates angakaze ahlale kuyo njengoba ebehlale ebolekiswa.
Kodwa manje kubukeka esezothola ikhaya elisha kubaqeqeshi abazomnika ithuba uma ezimisela kwi-Arrows.
Okuxakayo ke wukuthi uzosayinwa yi-Arrows nje ubekade esejime isikhashana naMaZulu FC, ebheke ukuba asayinwe.
Kodwa sekuyacaca ukuthi akamchazanga umqeqeshi wawo uCijimpi Martin njengoba i-Arrows seyimthatha nje.
Omunye nguKwame Peprah naye obebolekiswe kwiMaritzburg ngesizini edlule.
Yena usezitholele ikhaya azohlala kulo uminyaka emibili e-India la asesayine khona kwiKerala Blasters.
“Ngijabule kakhulu ukuoyina leli qembu elimangalisayo nethuba lokudlala e-India,” usho kanje uPeprah ethulwa yileli qembu.
“Sengijahe ukuhlangana nozakwethu abasha bese sibona ukuqala kwesizini entsha.”
OCollins Makgaka, Ndumiso Mabena noNkanyiso Zungu bona akukacaci ukuthi bazophelelaphi njengoba besahlwaya amaqembu.
UZungu uke wabonakala kwiRoyal AM emidlalweni yokulungiselela isizini kodwa njengoba leli qembu linqindiwe ekusayineni abadlali akwaziwa izophelelaphi eyakhe.
FUNDA NALA: Ertugral: Nakhu okumele kwenziwe yiChiefs ukulungisa isimo
UMabena noMakgaka bona bake bamataniswa nePolokwane City obekuthiwa imagange ngabo kodwa kuze kube manje akukho okubambekayo.