U-Andile uveza obekumenza acule engadlali kwiNdebe yoMhlaba
Njabulo Shezi
Unozinti weBanyana Banyana obekubhekwe ukuthi aqale imidlalo eNdebeni yoMhlaba, u-Andile Dlamini useveze okumenze aqhubeke nokubukeka ejabule yize kunzima ngesikhathi seNdebe yoMhlaba.
Uze wabuya engazange angene esikimini seBanyana ekubeni bekunguye unozinti wokuqina phambilini kuleli qembu.
Ukudlaliswa kukaKylin Swart ngaphambi kwakhe kulo mqhudelwano obuseNew Zealand ne-Australia kususe umsindo.
Nokho umqeqeshi, uDesree Ellis wakuchaza ukuthi kungani aqoka ukuyiqala ngoSwart imidlalo.
Wathi kungenxa yokuthi uyakwazi ukudlala nangezinyawo okusiza iqembu uma liqala iminyakazo emuva.
Nokho u-Andile ukuvezile ukuthi lokhu kwamkhuba kodwa ngoba ungumuntu oqinile sdalo ngokomqondo ukwazile ukukufihla.
Ukwazile ukukwenza lokhu njengoba bekunguyena oqala nezingoma, adanse ukufaka ukuzethemba eqenjini.
“Uma wazi ukuthi imele bani, nokuthi wena ungubani, ngicabanga ukuthi uyakuqonda ukuthi umeleni,” ucashunwe esho kanje lo nozinti ngabeTimesLive.
“Bekungesimina kuphela obenza kube nomoya wokuzwana eqenjini. Umdlalo weqembu lona hhayi umuntu ngayedwana.
“Ngiphiwe ikhono ngakho kumele ngilisebenzise ngendlela efanele. Angidlalanga impela kodwa kukhona ebengisiza ngakho.
“Bengingumdlali kuyikho ke kodwa ukuthi ngisebhentshini. Bekumele ngiqine ukuze nabanye baqine.
“Bengikwenzelani lokho? Ngoba umdlali udlala kahle uma ejabule. Bekukuningi ke okungekuhle ebesibhekene nakho abantu abebengakuboni obekumele sikuzibe ukuze senze kahle.
“Ngabe yini umsebenzi wami njengoba ngingu-Andile Dlamini? Kumele ngicule ngoba uMdali owangipha leso sibusiso.
FUNDA NALA: USinky Mnisi ubhoboka ngesiqalekiso asishiya kwiRoyal AM
“UMdali wangipha leli khono ukuze ngilisebenzise. Empeleni nje akumina ngedwa, kukhona noKholosa (Biyana).