EzakamuvaIbhola

URiveiro ufuna ukuhamba nomdlali wePirates

SIHLE NGUBO

UJose Riveiro, okulindeleke ukuthi amenyezelwe maduze njengomqeqeshi omusha we-Al Ahly yase-Egypt, kuvela ukuthi ufuna ‘ukuntshontsha’ omunye wabadlali abebaqeqesha kwi-Orlando Pirates.

Lo mqeqeshi waseSpain ugcine ngeledlule ukucija eZimnyama kwase kuvela izindaba zokuthi useqedile nezinkunzi zase-Afrika, i-Al Ahly.

URiveiro kulindeleke ukuthi athathe izintambo kwiRed Devils uma kuqala isizini entsha njengoba okwamanje kusekhona umqeqeshi obambe okwesikhashana, u-Emad El-Nahhas.

Ngokubika kwe-Ahly News uRiveiro ufisa ukuthi umdlali afuna ukusayinisa kuqala kube uMbekezeli Mbokazi osanda kuzibonakalisa eqenjini elikhulu kwiPirates.

Kumangale abaningi iPirates imemezela ukuthi uRiveiro uyahamba ekupheleni kwesizini esongwayo ngenyanga edlule.

Nokho akubanga kusafika lapho njengoba lo mqeqeshi egcine ukuhlala ebhentshini ngesikhathi iBucs ibhekene neLamontville Golden Arrows ngeledlule.

Esitatimendeni esikhishwe yiqembu usihlalo u-Irvin Khoza uthe bazomdedela ingakapheli izisini ukuze ayolungisa izinto neqembu elisha asesayine kulona.

UMbokazi, obuye adlalele iqembu lakuleli le-Under 20, ubedlala eqenjini leBucs leDiski Challenge ngaphambi kokunyuselwa eqenjini elikhulu, ngenxa yokulimala kwabadlali basemuva beqembu okukhona kubona no-Olisah Ndah.

Emdlalweni wakhe wokuqala uthathe amehlo abantu abaningi edlala sengathi kade aqala ukuyibamba emuva noNkosinathi Sibisi.

Lo mdlali wayefakiwe eqenjini le-Under 20 elibuye nendebe ye-Africa Cup of Nations (AFCON) e-Egypt, lapho lishaye khona iMorocco ngo 1-0 kowamanqamu.

Nokho iPirates yacela ukuthi uMbokazi angayi e-Egypt ngoba ibinemidlalo ebalulekile okubalwa kuyona nowamanqamu weNedbank Cup, lapho beshaywe khona yiKaizer Chiefs ngo 2-1.

Uma egcina esayinile uMbokazi kwi-Al Ahly uzobe eqophe umlando ngokuya eqenjini langaphandle kweNingizimu Afrika engadlalanga nesizini egcwele esigabeni esiphezulu.