URoger De Sa uncoma uKomphela ngokuqoqa ‘ohluphiyose’
Alfred Ngubane
Ubona kuyinto enhle uRoger De Sa ukuthi umqeqeshi weMoroka Swallows, uSteve Komphela abangantshingi emgqonyeni kadoti abadlali abadume ngokuhamba izindlela zobumnyama.
UKomphela usayine u-Andile Jali, Dumisani Zuma noGabadinho Mhango abese bechithiwe emaqenjini abebekuwo ngoba kuthiwa bangamahlongandlebe.
Kodwa le nsizwa engomunye wabaqeqeshi abanamagalelo aziwayo ebholeni lakuleli, ithi yinhle lento eyenziwe uKomphela ngokubaqoqa.
“Abaqeqeshi abamnyama e-Afrika uma kutholakala ukuthi umdlali uyaphuza bamkhuluma kabi kwabezindaba, bamcekele phansi.
“Kodwa uma ebhema insangu abanankinga kakhulu nalokho,” kusho uRoger De Sa.
Uthi into ebaluleke kakhulu ngomdlali ngakwenza enkundleni nokuyilapho umqeqeshi kumele agxile khona kakhulu.
“Kumele kuqala uqonde indlela yabadlali ukuthi yini eyenza bazimisele enkundleni.
“Abanye abadlali uthola ukuthi banamahloni ukudlala phambi kwabalandeli abaningi.
“Kodwa uma eke wathi ukushaya kancane uphuzo noma ugwayi oluhlaza, uzodlala ngathi akanamahloni…
“Abadlali bafana nezingane ozizele, ngeke zize zifane ngokwezenzo. Mina ngisebenzile nababadlali abanjalo kwiBidvest Wits abafana noMbulelo Mabizela noNtokozo Sikhakhane.
“Babedlala kahle kakhulu futhi bewuhlonipha umsebenzi. Uma kukhona ophumayo endleleni, babemqondisa bona ngokwabo.
“OGabadinho Mhango, Andile Jali noDumisani Zuma ngabadlali abasezingeni eliphezulu.
“Ngicabanga ukuthi ngesikhathi somsebenzi bazomsebenzela bese kuthi ngesikhathi sokuphumula, bazidleke izinto zabo.
“Yena uyobe esebuya ebaqoqa kodwa ngeke bamhluphe uma kunenhlonipho macala wonke.
“Laba badlali bazomdlalela into ephezulu uKomphela futhi bazomlwela ukuthi anqobe imidlalo ngoba ukhombise ukubahlonipha.
“Kuzomele manje amaqembu nabaqeqeshi bakuqonde ukuthi abadlali bangabantu abafana nabanye, bayoma nabo ngemuva komsebenzi.
FUNDA NALA: I-VAR ngeke iqede ukubhacaza konompempe, kusho uGomes
“Ukudlala imidlalo eminingi kuyadinga ukuthi ubuye ukhohlwe yibhola… Kodwa angisho ukuthi ngigqugquzela abadlali ukuthi baphuze utshwala,” kuchaza uRoger De Sa.